OBEYIPHINI likaNgqongqoshe weMfundo ePhakame kuleli uMnuz Mduduzi Manana (34) ozogwetshwa ngecala lokushaya

OBEYIPHINI likaNgqongqoshe weMfundo ePhakame kuleli uMnuz Mduduzi Manana (34) uthi welulekwa ngokwengqondo ukuze akwazi ukulawula imizwa yakhe uma ecasukile.

UManana ukhiphe lezi zindaba ngaphandle kwenkantolo yeMantshi yaseRandburg eGauteng izolo.

"Ukuziphatha ngalolu hlobo kuyagcina ngami, akuyona into elindeleke kumholi. Ngenza iphutha futhi ngiyaxolisa kakhulu," kusho uManana. 

UManana uwavumile wonke amacala amathathu okushaya ngenhloso yokulimaza abekwe wona.

Izithombe zikaNksz Mandisa Duma owashaywa nguManana zazigcwele ezinkundleni zokuxhumana ngenyanga edlule. 

UManana usolwa nangokushaya abangani bakaNksz Duma ababizwa ngoMopipa nMahlaba.

Ummeli kaManana uMnuz Michael Motshwaneng Bill uthe abesifazane abathathu bahlala noManana nabangani bakhe kwase kuqubuka inkulumo mpikiswano. 

Uthe oyedwa kulaba besifazane washutha ivideo kaManana kanti uMahlaba kuthiwa wabuza uManana ukuthi "Ucabanga ukuthi uyini wena stabane?"

"Umanana wabuza ukuthi bebemenywe ngubani etafuleni lakhe wase eshaya oNksz Mahlaba, Duma noMopipa. 

Umshushisi uNkk Anne-Marie Smith ucele ukuthi lihlehliswe icala ukuze kuxoxiswane nofakazi nokuthi kubhekwe ukuthi angajeziswa kanjani uManana. 

Okwamanje uManana ungaphandle ngebheyili ka-R5 000 kanti icala lihlehle uNovemba 7 ukuze kuqale uhlelo lokugwetshwa komsolwa. 

Kuphinde kwaboshwa abasolwa abathathu mayelana naleli cala likaManana okuthiwa bebemphelezele. 

Laba basolwa bakhonjwe ngummangali amaphoyisa ababopha khona enkantolo.

UManana ukuphikile ukuthi unamasheya eCubana esho nokuthi yindawo ajwayele ukuyivakashela ngoba idayisa ukudla futhi idlala nomculo omnandi. 

Buka uMnuz Manana exolisa:

Obeyiphini likangqongqoshe weMfundo ePhakeme uMnuz Mduduzi Manana exolisa ngemuva kokuvela enkantolo. Video: Ayanda Ntshangase.