AMAWELE amane uthando lwawo oluvutha amalangabi, uMsindisi nomfowabo uNduduzo Mbiza bebembesa izingoduso zabo izolo ngoMgqibelo, uSamukelisiwe noSanelisiwe Msimanga, eMadadeni
KUQOPHEKE umlando izolo ngoMgqibelo amawele akwaMbiza eMpumalanga, eHammarsdale, e-Unit 3, embesa izingoduso zawo nazo ezingamawele zakwaMsimanga e-Unit 6 eMadadeni, eNewcastle.

UMsindisi newele lakhe uNduduzo Mbiza (25), bebembesa izingoduso zabo oSamukelisiwe noSanelisiwe Msimanga (22) emcimbini obunezihlobo nabazalwane kwazise bayiZayoni zaseHoly Church of God eMpumalanga.

Unina wabakhwenyana uNkk Nomthandazo Mbiza (44) obezwakala ephuphuma yinjabulo, utshele Isolezwe ngeSonto, ukuthi lokhu bakuthatha njengesibusiso emndenini ukuthi “owele’’ babesothandweni ngale ndlela. “Ayijwayelekile le nto, sifisa sengathi bangagcina beshadile,” kusho yena.

Uveze ukuthi njengoba bebembesa izolo indlela ebheke emshadweni isivuthiwe.

UNkk Mbiza uthe elilodwa iwele alisebenzi kanti elinye libamba amatoho.

“Sizohlanganisa kuyoze kulunge maqondana namalobolo nomshado,” usho kanje.

Lezi zithandani kuthiwa zahlangana emshadweni ezazimenywe kuwo wasenkonzweni eMadadeni ngoDisemba 2015. USamukelisiwe noSanelisiwe bafunda ngokwehlukana e-Durban University of Technology (DUT) naseBerea Technical College eThekwini.