ABASHAYELI bezimoto sebedonswe ngendlebe ukuthi baqinisekise ukuthi izimoto zabo zihlala zikhiyiwe uma beshayela eGlenwood, ngaseBerea, eThekwini, ngenxa yomkhuba omusha wabesifazane abadayisa ngomzimba kule ndawo.

NgokweDaily News, iphephandaba elinguzakwabo weSolezwe, omahosha kule ndawo sebenomkhuba wokuzivulela imoto bangene ngaphakathi uma ingakhiyiwe.

Ilungu lomphakathi elicele ukungadalulwa igama lithe sebenomkhuba wokungena emotweni bese beyamemeza bethi umshayeli useyanqaba ukukhokha.

“Sibe nesigameko lapho owesilisa wayeshiya khona indodana yakhe esikoleni. Wathi esakhuluma nocingo imoto engayikhiyile kwangena owesifazane wakhipha ikhondomu wathi bese bezokwenza ucansi kodwa umshayeli akasafuni ukumkhokhela,” kusho lo mthombo.

“Ngenhlanhla imoto yayipake phambi kwenye eyayinomshayeli owabona konke okwenzeka wakuchitha okwakushiwo yilo wesifazane.”

Uthe kwesinye isigameko omunye umshayeli wayezimele erobhothini wabona ngoyedwa wabadayisayo sebegijima beza kuyena, ngenhlanhla kwakungekho zimoto phambi kwakhe washaya wachitha.

UMthombo uqhube wadalula ukuthi abamabhizinisi kule ndawo emgwaqeni uHelen Joseph (Davenport), Clark, no-Esther Roberts sebekhalaze kaningi ngomahosha kule ndawo. Kubikwa ukuthi isibalo somahosha kule ndawo sinyuke emva kweNdebe yoMhlaba kuleli ngo-2010.

-Daily News