ININGI labaqwayizi baseNingizimu Afrika kalazi ukuthi linegciwane lengculazi.
Lokhu kusanda kuvezwa ngumbiko we-UNAIDS oveze ukuthi bangu-53% kuphela abaqwayizi basemadolobheni abahlolelwe igciwane lengculazi nyakenye yize belinganiselwa ku-60% abantu abadayisa ngomzimba abanegciwane lengculazi kuleli.
Phambilini izinhlangano ezilwela amalungelo abantu abadayisa umzimba sezike zakuveza ukuthi ukungabi bikho semthethweni kwalo msebenzi yikhona okwenza ukuthi abadayisi bagcine bengayi emitholampilo ukuyothola usizo lwezempilo.
Umbiko we-UNAIDS obheka osekwenziwe ukufinyelela kwimigomo eyaziwa ngo-90-90-90, i-Ending AIDS: Progress towards the 90-90-90 targets uveza ukuthi kusekuningi okufanele kwenziwe ukulwa nokusabalala kwegciwane lengculazi kubantu abadayisa ngomzimba kuleli.
Umqondisi we-UNAIDS eNingizimu Afrika, uMnuz Mbulawa Mugabe, uzwakalise ukukhathazeka ngezibalo zabaqwayizi abanegciwane lengculazi kuleli.
Umbiko uveze ukuthi * -86% wabaqwayizi baveze ukuthi bayisebenzisile ikhondomu ngesikhathi begcina ukuya ocansini namakhasimende abo.
“Isibalo esiphezulu sabadayisa ngomzimba (60%) banegciwane lengculazi. Ngicabanga ukuthi kubalulekile ukuthi iNingizimu Afrika ibheke indaba yokukwenza kube semthethweni ukudayisa ngomzimba. Lokhu kuzonika elakuleli ithuba lokusungula uhlelo olucacile lokuqinisekisa ukuthi abaqwayizi bayahlolelwa igciwane lengculazi,” kusho uMugabe.
Lo mbiko uveza ukuthi yize usemkhulu umsebenzi okufanele wenziwe ukulwa nokusabalala kwegciwane lengculazi, amazwe asebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi abantu bayayithola imishanguzo. Balinganiselwa ku-53% abantu asebethola imishanguzo yokuthithibalisa igciwane lengculazi kanti futhi nezibalo zabantu abashona ngenxa yengculazi sehlile.
Balinganiselwa ku-19.5 million abathola ama-ARVs kwabangu-36.7 million emhlabeni wonke. Izibalo zabashona ngenxa yengculazi zehle zafinyelela ku-1 million zisuka ku- 1.9 million ngo-2005.
Umqondisi jikelele we-UNAIDS, uMnuz Michel Sidibé uthe banethemba lokuthi bazokwazi ukufinyelela emigomeni abazibekele yona yokunyusa isibalo sabantu abathola usizo sifike ku-30 million ngo-2020.
Elakuleli libalwa namazwe enze kangcono ekuqinisekiseni ukuthi omama abakhulelwe nabancelisayo bayayithola imishanguzo.
Amazwe amahlanu athathwa njenganezinga eliphezulu labantu abanegciwane lengculazi okubalwa kuwo iNingizimu Afrika, Namibia, Botswana, Swaziland ne-Uganda asekwazile ukuhlangabezana nemigomo yokuhlinzeka imishanguzo ku-95% womama abakhulelwe nabancelisayo abanegciwane lengculazi.