Umphrofethi uPenuel Mnguni efunza umzalwane imbali 'enoshevu'. Isithombe: FACEBOOK
KUNGAKAPHELI sikhathi esingakanani kuphothulwe ikhomishini evikela iNkolo, iziLimi namaSiko, omunye wabefundisi owayephenywa, umphrofethi uPenuel Mnguni, usephinde wakususa adume ngakho. 

Lo mfundisi we-End Times Disciples Ministries, oseke wadlisa abazalwane bebandla lakhe izinyoka, kulokhu udlise umzalwane izimbali 'ezinoshevu'. 



Lesi sigameko okwafakazwa ngaso ekhasini le bandla kuFacebook ngasekuqaleni kwale nyanga kuthiwa. 


"Ngesikhathi indoda kaNkulunkulu ikhombisa isimangaliso iphendula iphela liba ngu-cheese, umphostoli uTompane Eans waseLimpopo weza phambili wathi ufuna naye ufuna ukudla. Indoda kaNkulunkulu yabe isithatha imbali enoshevu, yayithandazela yayinikea uTompane ukuthi adle," kusho umbhalo ofakwe ekhasini kuFacebook. 

Kuthiwa u-Eans uthe le mbali ifana nokudla okujwayelekile, wayidla waze wayiqeda. 

Kuzokhumbuleka ukuthi mbiko wophenyo lwabefundisi obelwenziwa yiKhomishini eVikela iNkolo, Izilimi namaSiko, ebiholwa nguNkk Thoko Mkhwanazi-Xaluva, wethulwe ngoJulayi nonyaka. 

Le khomishini yadlulisela umbiko ePhalamende ukuze liwucubungule bese kuyabonakala ukuthi siyezwakala yini isiphakamiso sabo sokulawulwa kwabefundisi. Ikhomishini ifuna baphucwe amagunya okuhola amabandla abefundisi abazotholakala benyathela amalungelo abantu nabasebenzisa ibandla ukwenza inzuzo.

Phakathi kwabefundisi abavele phambi kwekhomishini yophenyo kubalwa uMfundisi Hamilton Nala waseThekwini, uMfundisi Penuel Mnguni noMphrofethi Paseka Motsoeneng odume ngelikaMboro.