Durban storms caused havoc on Tuesday. Picture: Supplied

UMASIPALA weTheku uthi umatasa wenza konke okusemandleni ukulungisa inkinga yokunqamuka kukagesi ezindaweni ezakhele leli dolobha ngemuva kwemvula enamandla edale izikhukhula ngoLwesibili.


Umasipala uthi uthole izikhalo ezibalelwa ku-1789 ngokunqamuka kukagesi ezindaweni ezihlukene.


Esitatimendeni esikhishwe izolo, umasipala uthe uqale ngezindawo ezishayeke ngendlela engabeka izimpilo zabantu engcupheni okuwe kuzo izigxobo nezintambo zikagesi.


“Njengamanje isibalo sezindawo ezithikamezekile sesikwazile ukusehlisa sasibeka ku-4, sisuka ku-18. Izindawo ezisazolungiswa yiMawoti, Phoenix, Folweni naseZwelibomvu. Abasebenzi bethu basebenze ngokuzikhandla ukuze babuyise ugesi kwezinye zalezi zindawo,” kusho okhululema uMasipala weTheku, uNksz Tozi Mthethwa.



Umphakathi ucelwa ukuthi uthumelele imiqhafazo, ama-email noma basebenzise i-website yakwamasipala ukubika ngezinkinga ezikhona njengoba sisaphezulu isibalo sezingcingo ezingenayo.


Abantu bangathumela imiyalezo ku -083 700 0819, i-email bangayithumela [email protected] noma baxhumane nomasipala kwiwebsite ethi www.durban.gov.za. Abanezinkinga zokuxhumana nomasipala ngale ndlela bangashayela ku- 080 1313 111.


Abantu ababhekene nezimo eziphuthumayo bacelwe ukuthi bathinte uphiko labezimo eziphuthumayo ku-031 361 0000.