IKHIHLA isililo indoda yaseNewlands West, eThekwini, ethi isiphenduke umhambuma ngenxa yokuxoshwa yinkosikazi yayo esivele yakipita neshende eliwumfundisi emzini wabo.
Umfundisi kuthi yinceku yenkosi eyaziwayo ehola ibandla lamaZCC eClermont. Umyeni esingeke silidalule igama lakhe ngenhloso yokumvikela nezingane, ithe izizwa ihlukumezeke ngendlela exakile, futhi usenengcindezi edalwe yilesi simo.
“Sishade ngo-2010 nomkami singenazo izinkinga. Kwaba nje ukushada, kwaba sengathi ngimnikeze inkululeko yokungidelela,” kusho umyeni.
Uthe umkakhe waqala ngokuthi amtshele ukuthi akabafuni abantu bakubo. Uthi wazama ukuxoxa nenkosikazi ngalokhu baze baba nomhlangano nabasekhweni lakhe bezama ukuxazulula inkinga.
“Kwakuba sengathi kuba ngcono kuphinde kuqale,” kusho umyeni.
Uthe umkakhe ugcine esemthuka. Uthe kukaningi emvalela emnyango uma ebuya emsebenzini, alale emotweni.
“Bengidumisa imoto kuze kuse ebusika ukuze ngingangenwa amakhaza engafuni ukungivulela,” usho kanje.
Okulandele lapho uthe ufake ishende kwakhe, uma embuza amusho ngenhlamba.
Uthe umfundisi sewake washutha izithombe nomkakhe bazifaka kwi-albhamu yomshado.
“Ngincamele ukumshiya nomuzi ngoba ubengasangiphakeli nokudla, angithuke aphinde afake nalo mfundisi asethandana naye kwami.
Ukube bengingomunye umuntu ngabe kade ngathatha isibhamu ngamdubula ngambulala. Nakuba bekuyaye kungifikele lokho, angiyivumelanga inhliziyo," kusho umyeni.
Inkosikazi ithe kuzomele umyeni wayo akhulume iqiniso ngokwenzeka phakathi kwabo. Ithe umyeni wayo kwakumele ahlanganise imindeni yomibili ukuze udaba lwabo lukhulunywe.
“Unesihluku lowo uyashayana futhi uyaqonywa,” kusho inkosikazi.
Mayelana nezinsolo zokuthi ijola nomfundisi, ithe uyamsukela ngoba yena baningi abantu axhumana nabo. Ekhonjiswa izithombe ezikhonjiswe leli phephandaba besondelene nomfundisi, uvumile ukuthi nguyena osesithombeni.
“Angimboni kahle ukuthi wubani lo oseduze kwami. Angisakhumbuli ukuthi wubani."
Kulesi sithombe lo wesifazane usondelene nowesilisa okuthiwa wumfundisi, babambene nangezandla.
Ethintwa owesilisa osolwa ngokuthi ungumfundisi ongumakhwapheni, uthe uyamazi owesifazane okukhulunywa ngaye kodwa akajoli naye.
Ebuzwa ngesithombe abashuthe bendawonye kusona nenkosikazi asolwa ngokuthi ujola nayo, uqale wathi akasasikhumbuli leso sithombe.
Ugcine esethi: “Owashutha leso sithombe wenza iphutha ngokuthi enze lokho engazange athole imvume kubona.”
Usabise ngokuthi kunezinyathelo azozithatha uma kuke kwabikwa ngalolu daba.
Ukuphikile futhi ukuthi ungumfundisi.