INDODA (27) yaseMophela eduze kwaseMpumalanga izibulele nezingane zayo ezimbili emuva kokwaliwa ngunina wazo.
UMnuz Njabulo Khomo uzibulale nendodakazi yakhe uThando (2) nendodana yakhe uSibonelo (3).
UKhomo utholakale ngoLwesithathu ekuseni elenga nezingane zakhe endlini abeqashe kuyo eseduze kwakubo. Omakhelwane, abebengena bephuma, bebabaza isihluku okubulawe ngaso izingane, bethi kungcono ukube uzibulale yena yedwa.
Endlini yakhe lapho ezibulalele khona uKhomo, bekumapeketwana.
Phansi bekukhona amabhodlela otshwala, kukhona nebhodlela lotshwala obumhlophe obebungaphelile. Bekukhona nekati lakhe, ebeliphithizela lidla namasoseji abephezu kwekhabethe.
Unina omncane, uNksz Sindi Mzulwini, uthe uKhomo ubeke washo ukuthi ukuthi ucabanga ukuzibulala ngenxa yokulahlwa ngunina wezingane zakhe kodwa bebengazitsheli ukuthi angagcina ekwenzile.
“UNjabulo uhluleke ukumelana nokwaliwa wunina wezingane zakhe. Uke washo ukuthi ufuna ukuzibulala ngase ngitshela unina. Naye uzamile ukukhuluma naye, emtshela ukuthi asikho isidingo sokuthi azibulale ngoba aliwe. Kusho ukuthi ubuye wahluleka ukwamukela,” kusho uNksz Mzulwini.
Uthe uKhomo, obehlanza inxanxatheka yezitolo eHammarsdale ubehlala nonina wezingane kodwa benokungezwani. Unina wezingane umshiye nezingane wase efuna umqasho eduze kwakubo.
UNksz Mzulwini uthe beyingakapheli inyanga ehlala emqashweni futhi bese bezitshela ukuthi uzogcina ekudlulisile okwenzeke phakathi kwabo.
“Inkinga ibe sekutheni ahambe ayobheka unina wezingane zakhe ngoMgqibelo odlule. Ubuye engaphathekile kahle ngoba ethi uthole izinombolo zamasoka akhe amasha kwiselula yakhe. Ungicele ukuthi ngimthintele yena ngikhulume naye nami, ngakwenza lokho. Ngamtshela unina wezingane ukuthi uthi ufuna ukuzibulala kodwa wathi akanandaba. Uthe uma ezibulala uzobe ezibulalela izinkinga zakhe,” kusho uNksz Mzulwini.
UMNUZ Njabulo Khomo waseMophela eduze kwaseHarmmasdale okuthiwa utholakale izolo ekuseni elengise izingane zakhe ezimbili wase ezilengisa naye ngoba aliwe ngunina wazo
Uthe uKhomo ufike ngoLwesibili ntambama emuva kwehora lesihlanu wathi ucela izingane, ufuna ukuziyisa kumuntu obonayo.
“Ngicele ukuthi angahambi nazo ngoba sekuhlwile. Uthembise ukuthi bazolala bese behamba ekuseni. Ngiyabona ukuthi ubeseyihlelile le nto ngoba izolo ekuseni abebesele ekhaya ngesikhathi ngisemsebenzini bamthole ezilengisile nezingane zombili. Ubezithanda izingane zakhe, ezigeza ezenzela konke kodwa bekufanele azibulale yena yedwa ashiye izingane,” kuqhuba uNksz Mzulwini.
Kuthiwa unina wezingane usindiswe amaphoyisa ngoba amalungu omphakathi nodadewabo bakaKhomo bekuthi abamudle bamufele.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya amacala amabili okubulala. Avule nedokodo mayelana nokufa kukaKhomo.