SBONELO MYENI
IMOTO: BMW M2
U MA uyibuka iBMW M2 entsha, ucabanga isisho esithi “Dubula magazine safa yindlala” ngoba ifika nempi enkulu eyibhekise ezimbangini zayo esibala kuzo i-A45 AMG neRS3 Audi.
Abakuqinisekisile abakwa BMW wukuthi yehlukile uma uyiqhathanisa neBMW M235i, ukuze umehluko ucace kalula ukuthi izimele gelekeqe. Uma uyibuka ngaphambili, banyuse ubukhulu be-grille engaphansi kwamathoshi (LED) ukuze ifake umoya omningi enjinini nakumabhuleki.
Lokhu kuyenza ibukeke inamandla, kakhulukazi uma uthatha umbala wayo obizwa ngokuthi u-Long Beach Blue. Emaceleni uthola ama-M Gills abekwe kwi-fender ukuze ikhiphe ukushisa okusenjinini, uthola namathayi awu-19inch nama-fender angemuva avulekile.
Ngemuva uthola amapayipi amane akhombisa oyilandelayo ukuthi yimoto yejubane le. Ngaphakathi ngithole ukuphoxeka njengoba kuncane okwehlukile uma uqhathanisa nama 2-Series amancane.
Izihlalo zinomthungo o-Blue bese kuba khona i-logo yakwaBMW efakwe esiteringini, egiyeni kanye nasezicabheni, kanye ne-speedometer esigcina ku 300km/h. Abantu abane bahlala ngokunethezeka kodwa abanomzimba noma abade ngethambo ngeke bahlale ngemuva isikhathi eside.
Injini yeM2 yakhiwe kabusha kodwa isebenzisa ubuchwepheshe obutholakala kwi-M3 neM4.
Le njini iwu-3.0 litre 6 cylinder ne-turbo, okwenza ikhiqize amandla afinyelela ku-272kW kanye netorque engu 465Nm okwazi ukwenyuka uze ufike ku 500Nm okwesikhashana uma iku Overboost.
Lokhu kusho ukuthi idinga imizuzwana engu-4.3 ukusuka ku-0 iya ku-100km/h, igicine ku-250km/h. Ifika no gearbox oshintshwayo onamagiya ayisithupha (6 speed manual) kodwa uyakwazi ukuthola ozishintshayo obizwa ngeMDCT, onamagiya ayisikhombisa (7 speed Dual Clutch Auto).
Idonsa ngamasondo angemuva isebenzisa uDiff onobuchwepheshe bezimoto zomjaho. Ngokuduma ngiyizwe ibhonga kancono kune M4/M3 okuzojabulisa umshayeli kanye nabalalele ngaphandle.
Ekuthulweni kwayo eKapa asilitholanga ithuba elanele ukubeka umbono ngejubane layo emgwaqweni kodwa iyathembisa ukwenza impilo ibe nzima kubantu abahamba nge-A45 AMG kanye ne RS3 Audi.
AMANANI (sekuhlangene neVAT)
M2 (6 speed manual) R791 000
M2 (7 speed MDCT) R841 000