INTATHELI YESOLEZWE
ABATHANDI nabalandeli bohlelo olungena ngoMgqibelo ekuseni kuMetro FM basazohlala bengawezwa amaphimbo kaPhat Joe noPearl Thusi. Lokhu kulandela ukumiswa kwabo ngemuva kwenkulumo yabo egudla omunye umsebenzi weMetro FM ophinde abe ngumethuli wezinhlelo uBonang Matheba.
Laba basakazi bamiswe ngemuva kwezikhalo ebezivela kubalaleli ngokweyisa uBonang nomrepha u-AKA ohlelweni lwabo i The Real Phat Joe.
Ngokwephephandaba lesiNgisi eliphuma njalo ngesonto i Sunday World, iSABC ilalelisise ama-tape alolu hlelo aqinisekise izikhalo zabantu. Okhulumela iSABC uKaizer Kganyago ukuqinisekisile ukuthi uPearl noPhat Joe, bamisiwe emsebenzini ngoLwesine olwedlule.
“ISABC ikhethe ukungabafaki emoyeni ngoba kusanezinkinga okumele bazixazulule nesiteshi. Bayoze babuyele emoyeni uma sezilungisiwe lezo zinkinga,” kusho uKganyago.
Ngokwemithombo engaphakathi kwaSABC, uThusi okubikwa ukuthi uthandana noRobert Marawa, watshelwa ngokumiswa kwakhe ngaphambi kokuthi kuqale uhlelo lwabo ayezolenza ngoLwesine.
Ethintwa ngalolu daba uPhat Joe, ukuqinisekisile ukuthi umisiwe emsebenzini.
“Ngiye emsebenzini ekuseni bangitshela ukuthi ngeke ngikwazi ukusakaza. Uma ngibuza ukuthi kungani ngingavumelekile ukusakaza, akekho onginikeze impendulo eqondile. Bengingakazi ngokumiswa kwami ngaleso sikhathi,” kusho uPhat Joe. Uhlelo lwakhe lungena ngoMgqibelo ekuseni ngo-5 kuya ku-9 ekuseni.
Imenenja kaPearl Thusi uSarit Tomlinson, ithe bazoba nezingxoxo neSABC namhlanje.
Okhulumela uBonang, uPumza Nohashe, uthe lo msakazi we The Front Row engena ngo-10 ekuseni kuya ku-12 ekuseni phakathi nesonto ugxile ohlelweni lwakhe kuphela akazinaki izinhlelo zabanye abantu.
UPearl Thusi noBonang sekunesikhathi bengaboni ngaso linye. Ukungahoshelani kwabo kuthiwa kwaqala ngesikhathi uBonang ethola umsebenzi wokuba yinxusa lakwaRevlon okuyinto uPearl ayeyicuthele naye. Izinto zishube kakhulu ngenkathi uPearl ezwakalisa ukuzwelana noDJ Zinhle odabeni lokuhlukana kwakhe no-AKA eveza ukuthi isizathu salokhu ukuthi ubembhanqa noBonang. Ngeledlule uBonang ebuzwa omunye wabalandeli bakhe ku-twitter ukuthi kungani engaziphenduli izinto ezishiwo nguPearl ngaye wathi: “Leyo nto ifana nezicathulo ezindala zeleather engingazazi nokuthi ngazithenganini, kuphi. Ngikhathele. Sekuyisikhathi sezintsha.”