MCEBO MPUNGOSE
U MSAKAZI osehlabane ngezindondo ezinhlanu selokhu aqala ukusebenza kwiSiyathuthuka 97.6 FM, uGcina Manqele, uthi ubona kusenesikhala esikhulu somculo kamaskandi emisakazweni eyenza inzuzo.
UGcina usakaza uhlelo lukamaskandi i Sgqamisokwethu olungena ngeSonto ngo-12 kuya ku-3 ntambama.
Selokhu angena emsakazweni uGcina wenza lolu hlelo lukamaskandi, athe wuhlobo lomculo azifelayo ngalo.
Ngalolu hlelo ngo-2014 wathola indondo yeBest Traditional Show, Best Weekend Show waphinde walala isithathu kweyeBest Presenter emcimbini wokuklomelisa abasakazi nezinhlelo zabo, okwenziwa ngokuvotelwa abalaleli beSiyathuthuka FM.
Nyakenye unqobe eyeBest Show neyeBest Presenter. Lo msakazi uthi nakuba imisakazo enjengoMhlobo Wenene noKhozi FM bewudlala umculo kamaskandi, isenkulu indlala yawo kweminye imisakazo.
“Uma ubukisisa nje, imisakazo yomphakathi yiyo edlala kakhulu umculo kamaskandi futhi nawo amaciko alo mculo ayakwazi lokho. Ngifisa ukuzwa lo mculo ukhula emisakazweni enjengeGagasi FM neVuma FM njengeziteshi ezinkulu KwaZulu-Natal,” kusho uGcina.
Lo msakazi uthi ukhule engumuntu owayezifela ngomsakazo.
“Uthando lwami lwangiholela ekutheni ngenze imizamo yokungena kuwo, ngalandela imiyalelo engayithola, ngaqeqeshwa ngagcina sengihlabane ngomsebenzi ngo-2013,” kusho uGcina okhulele kwaNongoma kodwa osehlala eNdwedwe.
Ngaphandle kokusakaza ngonyaka odlule uhlele umcimbi wakhe wokuqala kamaskandi eNdwedwe owaba yimpumelelo, futhi ufisa ukuqhubeka awenze minyaka yonke uma kwenzeka.
UGcina uphothule iziqu zokusakaza eLangeni FET College eNtuzuma, ehlala KwaMashu. Lokhu wakwenza kulandela ukuqeda uGrade 12 eNkowane High School KwaNongoma ngo-2005.
Uthe uyingane yokuqala kubo ezinganeni eziyisikhombisa kanti kumanje unezingane ezimbili zamantombazane eneminyaka emihlanu, nenye eneminyaka emine. Ngesikhathi sakhe ekhaya uthe uyazifela ngokubuka ithelevishini.
“Ithelevishini ngayithenga ngoba ngizifela ngezemidlalo. Ngingumuntu olithandayo ibhola ngoba nami kunezinto eziningi engizenzayo ezilithintayo,” kusho uGcina.
Ngaphandle kwebhola uthe uthanda nokubuka uchungechunge lomdlalo i Skeem Sam esivela anxuse intsha ukuthi isibuke ngoba kuningi engakufunda kuso.