6 august 2012 Half a glass of beer is the total allowed under the proposed drink drive law to come into practice soon. Picture : Thomas hlder

INTATHELI YESOLEZWE

ABAPHUZAYO nababhemayo bazokhokha okuthe xaxa kulonyaka.

Ethula isabelomali salo nyaka uNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Pravin Gordhan, uthe abaphuzayo bazokhokha 7c ngaphezulu ukuthenga ikani elilodwa likabhiya.

Ugwayi uzonyuka ngo-60c iphakethe.

Ibhodlela lewayini lizobiza u-15c ngaphezulu.

Imali yama-cider nezinye iziphuzo ezidakayo ezithakwe ngezithelo zizonyuka ngo-7c ilitha.

Ibhodlela likagologo elingu-750ml lizobiza u-R3.60 ngaphezulu kusuka ekuqaleni kuka-Ephreli.

Abaphuza ijuba bona bazokhokha kancane.

Abashayeli bazozwela njengoba bezokhokha u-23c ngaphezulu uma befaka uphethiloli kusuka ngo-Ephreli 3.

Ilevi kaphethiloli izonyuka ifike ku-15c ilitha, u-8c uzoya esikhwameni sezingozi, i-Road Accident Fund.

Abathengi ngeke bakujabulele ukuzwa ukuthi uplasitiki ezitolo uzonyuka usuka ku-4c uye ku-6c kulo nyaka.