ZANELE MTHETHWA
B ANINGI abantu abaqeqesha abazivocavocayo okuthi uma bebuzwa ukuthi baqala kanjani bathi baqala bezama ukubalekela ukhwantalala nengcindezi. UNonhle Ndala, obeqeqesha abangenele umncintiswano iBoot Camp Mzansi kuthelevishini ungomunye wabo. Le ntokazi enomzimba ofiswa ngabaningi abajimayo yaphumela obala ngokuthi yaqala ichitha isizungu ngenxa yezinkinga emshadweni.
Ngisho ongoti abaluleka ngokomqondo bayakuncoma ukuzivocavoca abathi akwakhi umzimba ohehayo kuphela kodwa kusiza nomqondo. Bathi okuhle ngokulwa nezinkinga ngokuzivocavoca wukuthi ugcina unomzimba ohlelekile okwenza ubuyelwe nawukuzethemba.
Zikhona ezinye izindlela abanye abazisebenzisa ukulwa nezinkinga, ezinye ezigcina zandise ukhwantalala.
UNkk Simphiwe Hlengwa ongumeluleki kwaFamsa eThekwini uthe uma beluleka abantu, ukuzivocavoca yinto yokuqala abayincomayo.
“Ukwelulekwa ngokomqondo ngabaqeqeshiwe kubalulekile ngoba bayazi ukuthi yiziphi izindlela ezilungile zokuqeda ingcindezi. Ukukhuluma nomuntu oqeqeshiwe noma omethembayo kuyasiza kodwa zikhona nezinye izindlela ezingakusiza noma usuwedwa. Ukuzivocavoca kungezinye zazo futhi umehluko uyashesha ukuwubona. Kunezinto esingeke sikwazi ukuzibona ngeso lenyama eziwumphumela wokuzivocavoca. Ngesikhathi ujuluka unyakazisa umzimba nomqondo wakho uyakhuthazeka. Kunezicubu ezikhululekayo, kuphele ukukhathala emqondweni,” kuchaza yena.
Utshele Isolezwe ukuthi ukungatholi ukwelulekwa kahle ngezindlela zokuqeda ukhwantalala kwenza abanye bakhethe izindlela ezibhedayo. Uthe ukuphuza ngokweqile nokuzitika ngocansi ngezinye zezinto abantu abazama ngazo ukuqeda ukhwantalala.
“Lezi zindlela zisebenza okwesikhashana kodwa awumuhle umphumela wazo. Umuntu usuke ezama into ezovala isikhala enhliziyweni nasemqondweni kanti useyazilimaza. Baningi abaphuza ngoba bebalekela izinkinga noma balale nabantu abahlukene. Lokhu kwenza ukuthi uma sekubuya imicabango nezinkinga ufise ukuphindela kobukwenza okugcina nakho kwandisa ukhwantalala,” usho kanje.
Izindlela ezingalungile zokuqeda izinkinga:
n Ukudla ngokweqile lapho umuntu ethenga izibiliboco ngisho engalambile kodwa ezama ukuvala isikhala emqondweni. Yize ukudla kusivala isikhala okwesikhasana, kungakukhuluphalisa kakhulu, uphelelwe nawukuzethemba.
n Ukukhithiza nakho kungaba nomthelela omubi kwabasebenzisa kona ukugqiba izinkinga. Lo mkhuba obizwa ngeRetail Therapy, kukhona abakholelwa kuwo abathi ubuyisa ukuzethemba. Umphumela wakho ukubisha ezikweletini ngoba ungagcina uboleka imali uzama ukwanelisa isikhala sokukhithiza.
n Ukuzivalela endlini kungasebenza okwesikhashana njengoba nongoti bekuncoma ukuthi ube wedwa nokukhala uma usenkingeni. Nokho uma sekuyimpilo yansuku zonke akusizi. Ukuzivalela endlini kungakwenza ube yinkomo edla yodwa unomphela, uphelelwe abangani kuqhubeke nokuphatheka kabi.