MCEBO MPUNGOSE
U MDLALO oveza impilo yalowo owayengumengameli wokuqala omnyama kuleli, uDkt Nelson Mandela, akukacaci ngokuvezwa kwawo eziteshini zethelevishini zakuleli uma usuqala ukudlala ngonyaka ozayo.
Le filimu ukuqoshwa kwayo okuqale nyakenye ithathelwe ezincwadini zikaMandela iConversations with Myself neNelson Mandela by Himself. Kumanje ukuqoshwa kwale filimu kuyaqhubeka eRobben Island eCape Town lapho uMandela aboshwa khona iminyaka engu-18, kanti izoqoshelwa nakwezinye izindawo njengaseGoli.
Phakathi kwabalingisi osekudaluliwe ukuthi bakhona kuyo kubalwa uLaurence Fishburne ozodlala indawo kaMadiba ngokunjalo nosomahlaya u-Orlando Jones ozolingisa indawo ka-Oliver Tambo, owayengumenga-meli we-ANC kusukela ngo-1967 kuya ku-1991. Omunye umlingisi osemenyezeliwe nguDavid Harewood okungakacaci ukuthi uzobe edlala indawo kabani.
Abakamenyezelwa abazolingisa izindawo zikaWinnie Mandela owayeyinkosikazi kaMandela abagcina behlukene naye ngo-1996, noGraça Machel owashada noMandela ngo-1998. Inkampani ethole imvume yokuqopha isabalalise lo mdlalo, iDynamic Television, esike yakhiqiza imdlalo okubalwa kuyo iPrison Break ne-Agents of S.H.I.E.L.D, ithe abantu bangalindela umdlalo ozoveza ubuqhawe bukaMadiba elwela amalungelo abantu abamnyama nokuthi kubekhona intando yeningi kuleli.
Azisalanga ngaphandle izinkampani zokuphrojusa kuleli njengoba zimelwe yi-Out of Africa Entertainment yakuleli ezobe isebenzisana neLeftbak Pictures yase-United Kingdom, iBlue Ice Pictures yaseCanada neCinema Gypsy Productions. Iziqephu zalo mdlalo zizoba yimizuzu engu-52 kanti kulindeleke ukuthi uqale ukuvezwa eziteshini zethelevishini e-United States kuBET Network. Kumanje zikhona izinhlelo zaku- BET ezivezwa kuleli kodwa ezinye azivezwa.
UFishburne, ozakhele udumo ngamafilimu okubalwa kuwo iMatrix Trilogy, uzojoyina isibalo sabanye abalingisi baphesheya esebelingise indawo kaMandela.
Kulabo kubalwa uMorgan Freeman (Invictus) noDanny Glover (Mandela).