SIMPHIWE NGUBANE
K ULINDELEKE ukuthi abathandi bezimoto eNingizimu Afrika babheme bakholwe ngabazokubona emidlalweni enhlobonhlobo ehlanganisa nemijaho yezimoto ezosingathwa yidolobha laseThekwini, iMoses Mabhida Stadium ngenyanga ezayo.
Le midlalo eyaziwa nge-Top Gear Festival eyengamelwe yi-BBC, izoba ngoJuni 16 kuya ku-17 kanti nenkampani iMercedes AGM Petrona Formula ONE Team kulindeleke yenze ezibukwayo.
IDivisional Marketing Manager kwa-Mercedes-Benz South Africa, uSelvis Govender uthe nabo bazoba yingxenye yalo mbukiso wezimoto obhekwe ngabomvu kuleli.
“Njengoba sazi ukuthi imiqhudelwano yezimoto iyingxenye yomlando onothile kwa-Mercedes-Benz, kuhle ukuthi nathi sibambe iqhaza kulo mqhudelwano. Ithimba lethu lizofolosa ngemoto yalo i-2011 W02 ukuhlanyisa izihlwele eThekwini,” kusho uGovender.
Imoto yokuqala eyabe ibhalwe ukuthi Mercedes kwakungeyomjaho futhi yazidlela amahlanga inqoba umjaho wayo wokuqala ngo-1901. Le nkampani isanda kugubha iminyaka engu-111 yempumelelo yayo emqhudelwaneni wezimoto. Lokhu kwenzeke ngempumelelo njengoba isipikili sokugcina semibungazo sishayelelwe nguNico Rosberg onqobe isicoco somqhudelwano iChinese Grand Pix obubanjelwe eShanghai.
Imoto yakwaMercedes izobe ishayelwa ngowesilisa wakuleli uSam Bird oseke wanqoba umqhudelwano i-GP2. U-Bird uphinde asetshenziselwe ukuvivinya izimoto zakuleli ukuthi zikulungele yini ukungenela imijaho. Omunye ngu-Jody Scheckter wakuleli owanqoba umjaho i-Formula One ngo-1979.
“Kuyintokozo ukushayela imoto yethu i-Silver Arrow Formula One emigwaqeni yaseThekwini. Sonke sijabulile ukuthola ithuba lokuya eNingizimu Afrika ngoJuni. Wonke umuntu enkampanini yakwaMercedes uyayibuka le midlalo kuthelevishini futhi nginethemba lokuthu kuzoba yimidlalo esezingeni eliphezulu,”kusho uBird.
Kuzophinde kube nombukiso wezimoto zakwa-Mercedes okubalwa kuzo i-SLK 55AMG roadster, CLS 63 AMG, CL 63 AMG ne-C63 AMG Black Series.
“Lo mbukiso uzosinika ithuba lokuhlangana nabantu sibakhombise izimoto zethu ezinamandla, ezinhle futhi ezisebenzisa ubuchwepheshe besimanje,”kusho uGovender.
Abathandi bezimoto bangabalandeli abakhulu beTop Gear okuwuhlelo lethelevishini oluthokozelwa ngabantu abaningi. UGovender uthi uyathemba ukuthi lo mbukiso uzokwenza abathandi bezimoto bahlale ngesinqe esisodwa esitulweni ngenxa yobumnandi.