MCEBO MPUNGOSE
K UZOBA buhlungu izinhliziyo kukhale abantu esiqeshini sokugcina somdlalo wethelevishini, i Gold Diggers, edlala ku-e.tv phakathi nesonto ngo-8 ebusuku.
Isizini yokuqala ye Gold Diggers izophela ngoLwesihlanu, idedele i -Ashes to Ashes ebuya nesizini yesibili ngoMashi 14.
Lo mdlalo uveza impilo yabantu abasebenza ezimayini, izinkinga zomndeni ngokunjalo nezinkinga kwezothando.
Emasontweni amabili adlule kugxilwe kakhulu emndenini wakwaGumede ovalelwe yizigebengu ezifuna imali ngodli. Lokhu kuphoqa amadodana akwaGumede ukuthi abuyele ezimayini ayozama inhlanhla ukuze athole imali. UBig Boy noRonald babhekana nezingqinamba nokho njengoba ezokuphepha seziqinisiwe ezimayini ayisekho indlela abangakwazi ukuntshontsha ngayo emayinini abavukuza kuyo. Esiqeshini sangoLwesihlanu kuzobonakala ukuthi bazokwazi yini ukuphumelela konoxhaka bemayini bahlenge umndeni wabo.
“Selokhu sethula isizini yokuqala ye- Ashes to Ashes ngo-8 ebusuku, lesi sikhathi sekungesemidlalo eminingi ethinta impilo yababukeli bethu. I Gold Diggers ikhuluma ngezinto abantu baseNingizimu Afrika asebeke badlula kuzo empilweni. Abantu kumele basilindele ngabomvu isiqephu sokugcina, ngokunjalo nesizini yesibili ye- Ashes to Ashes ezobuya ngoMsombuluko,” kusho imenenja yakwa e.tv uMonde Twala.
I Gold Diggers abantu abaningi bayithande ngokubuyisa izinkakha zabalingisi bakuleli abafike bashaya into ecokeme. Kulabo balingisi kubalwa uMbongeni Ngema, Sonia Sedibe noMenzi Ngubane bonke abafike bangena khaxa emva kwesikhathi bengabonakali emidlalweni yethelevishini. UMenzi Ngubane usazoqhubeka abonakale kwazise uyalingisa naku- Ashes to Ashes.