SIMPHIWE NGUBANE
KUVAME ukuba nzima ukunikeza umshayeli izeluleko zokuthi ashayele kanjani uma izulu likhithikile noma kuneqhwa ngoba isimo esinjalo asijwayelekile emigwaqeni yaseNingizimu Afrika.
Ngesonto eledlule ngesikhathi imigwaqo imbozwe yiqhwa kukhombise ukubaluleka kwesidingo sokucobelelana ngamasu okushayeli ezimweni ezifuze lezi.
Imigwaqo engothelawayeka nemincane ibimbozwe yiqhwa okwenze kwaba yingozi ukushayela. Kuba yingozi kakhulu uma iqhwa selincibilika lokhu okwenza imigwaqo ibe manzi kubenzima ukulawula imoto.
Ngezansi ngezinye izexwayiso ezikhishwe ngochwepheshwe bezimoto nemigwaqo ezingasiza abashayeli ezimweni ezinjena.
1. Uma imoto ishelelela, nciphisa kancane ku-accelerator bese ubhekisa amasondo angaphambili lapho ishelelela ngakhona.
2. Qinisekisa ukuthi amathayi akho awayona impandla.
Amanye amazwe izimoto zisebenzisa amathayi abizwa ngokuthi i-chain or snow chain okwazi ukuwasebenzisa emigwaqeni esheleleyo.
Lokhu kuyihaba emigwaqeni yakuleli. Khumblula ukuthi nawo lamathayi angashelela uma kuneqhwa.
Qiniseka ukuthi ama-brakes asebenza kahle futhi axhunywe kahle futhi ayabambisisa
Anti-Lock Brakes – Cindezela amabhuleki kusukela iqala ishelelela imoto kuze kube iyama. Kungenzeka uyizwe idlikizela, unganaki lokhu kujwayelekile.
No Anti-Lock Brakes – cindezela amabhuleki kodwa uqinisekise ukuthi awuwalokhi amasondo. Dedela bese ucindezela amabhuleki futhi. Thatha lokhu njenge – “mechanical ABS”
3. Gcina amawindi akho ehlanzekile ngokuthi uncibilikise iqhwa, futhi ama-windscreen wipers asebenza kahle.
Sebenzisa okuthile okungacijile ususe iqhwa emawindini noma ngabe uhamba ibanga elifushane. Inkungu engaphakathi emotweni ingasuswa kalula ngokuthi uvule i-vent windows.
4. Qaphela amaloli noma izimoto ezisuke zikhucucula iqhwa emgwaqweni. Zivame ukuphayipha amalambu zixwayisa, ngakho qaphelisisa uma uzidlula emgwaqweni.
5. Shiya igebe elikhulu phakathi kwakho nemoto oyilandelayo.
6. Susa imoto ngegiya eliphansi futhi unciphise ku-accelerator uma ushayela ezimweni zomgwaqo ezingezintshe.
Amanye amaphuzu angenhla akhishwe uMqondisi oMkhulu kwa-RAC Driving Solutions, uMnuz Eugene Herbert.