KUMELE abesifazane babe nesibindi bangakuvumeli ukutshelwa ngabanye ukuthi ngeke iphumelele into abafuna ukuyenza kodwa baqhubekele phambili ngezinhlelo zabo.
Lokhu kushiwo nguNkk Senzi Mnokwe-Frey (32) waseGamalakhe, ePort Shepstone. Ungumnikazi kashisanyama “osesilungwini” eMargate, iSenzi’s on Faya Butcher Shop & Grill.
ISenzi’s ingasebhishi eMargate kanti idayisa inyama eyosiwe, ukudla okuphekiwe neziphuzo. Ihanjelwa yizinhlanga ezahlukene zabantu. USenzi uthe ngesikhathi evula indawo yakhe eminyakeni emithathu eyedlule kwakukhona abantu ababethi ngeke ize isebenze.
“Uma ufuna ukungena ebhizinisini kumele uqale uzibuzisise ukuthi ufuna ukwenza ini. Kumele ube nesibindi ngoba akulula neze. Ungavumeli abantu ukuthi bakutshele ukuthi ngeke kwenzeke kodwa wena kumele uphokophele phambili,” kusho uSenzi.
Uthe iSenzi’s yibhizinisi lakhe lokuqala kodwa esikoleni Olwandle High School lapho aphothula khona uMatric wayedayisa uswidi namakhekhe.
“Ngemuva kokuphothula ukufunda ngangisebenza eFresh Meat iminyaka emithathu ngabe sengiba yimenenja. Ngisafunda ngangisebenza eSpar eShelley Beach. Yize ngangifisa ukuqhubeka nemfundo kodwa imali yayingekho. Umyeni wami ngamtshela ukuthi ngifuna ukuba nendawo edayisa utshwala, ngamchazela ukuthi ngifuna into enjani. Wangiyisa kwaMax (Max’s Lifestyle, eMlaza) ngabe sengivula iSenzi’s.”
Uthe endaweni yakhe wonke umuntu uvumelekile kodwa abancane bayagadwa ukuthi bagcina ngokudla kuphela, iziphuzo ezidakayo abazithinti.
Uthe ubunzima abhekana nabo ngabantu bangakubo abavele befune ukwenzelelwa ngoba ebazi.
“Abanye bafuna ukuphuma notshwala bazi kahle ukuthi akwenziwa lokho. Abantu bangifonela phakathi kwamabili befuna izinto. Ngiyabatshela ukuthi umthetho awushintshi.”
Udalule ukuthi usethenge nendawo yobumnandi iCoco’s ekhona eMargate okusho ukuthi uzoqasha abantu abaningi.
“Abasebenzi abaqashwe ngokugcwele eSenzi’s bangu-35 eCoco’s bangu-15 okwamanje. Ngisafuna ukuqhubeka nokuvula amanye amabhizinisi mhlawumbe amane noma amahlanu bese ngiyama. Angifuni ukuba nengcindezi.”
USenzi ushade kulo nyaka futhi akanangane. Uthe ukuqala umndeni uzokubona ngasekupheleni konyaka noma ngonyaka ozayo.