CELANI SIKHAKHANE
I-IFP igxeke uhulumeni waKwaZulu-Natal ngokuxhaphaza intsha eyaqokwa ukusiza imiphakathi eyehlukene esifundazweni ngezentuthuko okuvela ukuthi ibuye isetshenziswe ezinhlelweni ze-ANC zokulungiselela ukhetho lokuchibiyela oluzoba komasipala abathile.
Lokhu kuvezwe umholi we-IFP esishayamthetho, uMnuz Blessed Gwala (osesithombeni), othe selokhu kuqale izinhlelo zokuthi kube nokhetho lokuchibiyela eNkandla kunentsha engamavolontiya kahulumeni ephoqwa ukuba ihambe ifaka izingqwembe ze-ANC zokukhankasa.
“Esikubonile kusethuse kakhulu ngoba lezi zingane ezibizwa ngamanxusa sezisetshenziswa ukufeza izinhloso zezombusazwe ezihambisana noKhongolose. Emkhankasweni wethu ebesinawo eNkandla ohambisana nokhetho lokuchibiyela oluzoba ngoDisemba-5 sidumele ngesikhathi sithola ukuthi le ntsha ebizwa ngama-Youth Ambassadors nalaba abangama-Community Development Workers bebematasa befaka izingqwembe ze-ANC zokukhankasela lolu khetho lokuchibiyela,” kusho uGwala.
Uthe sekuyabonakala ukuthi laba bantu abasha sebephenduke ongoti bokwenza konke njengoba bebhekene nomsebenzi wokuxhumanisa abantu nohulumeni, ukusiza labo abadinga ukulekelelwa ngezinhlelo zikahulumeni nokunye.
uthe lokhu kwenzeka eNkandla nakwaMashu nakwezinye izindawo ezisuke zizoba nokhetho noma zizoba nemibuthano ka-ANC.
Abantu abasha bakhethwe wuhulumeni ezindaweni ezehlukene zabantu ekutheni basize ezikhungweni zikahulumeni ngokuvolontiya baphinde balekelele imiphakathi ekutheni yazi ngezimigudu engayilandela uma idinga usizo kuhulumeni.
UGwala uthe kusuka lolu hlaka lusungulwa kwakungacaci ukuthi empeleni yimuphi umsebenzi elizogxila kuwo nokwenza babona njengeqembu ukuthi luzogcina seluxhashazwa ngokwenza izinto zezepolitiki.
Okhulumela uhulumeni, uMnuz Ndabezinhle Sibiya, uthe lezi zinsolo ezenziwa yi-IFP ziyadukisa futhi zikhanda isithombe esibi ngohulumeni nokuthi intsha ekhethwa kulezi zinhlaka zentuthuko ekaKhongolose ekubeni kungenjalo.
“Njengohulumeni asikwazi lokhu okushiwo yi-IFP kodwa esingakusho wukuthi uhulumeni ukhethe intsha engasebenzi ekutheni isize ezindaweni zabantu ngezinto ezehlukene nasekuxhumaniseni bona nombuso. Okunye wukuthi uma sekudlule isikhathi amavolontiya asuke ematasa ngaso ngezinto zikahulumeni sisuke singasahlangani nokuthi yikuphi akwenzayo uma eseqedile. Kungenzeka ukuthi ahambela imibuthano yamaqembu awo noma ahambela izinkonzo azithandayo, lokho thina asibe sisahlangana nakho,” kusho uSibiya.