ZANELE MTHETHWA
UKUQALA konyaka kwabaningi kusho ukuhlela kabusha impilo nokuhlala ethembeni lokuthi izifiso ezingafezekanga ngonyaka ophelile, zizofezeka.
KwabangamaKrestu ukuqala konyaka kuhambisana nomkhuba wokuzila ukudla, abanye badonsa izinsuku ezifinyelela ku-21 noma ku-40.
UJanuwari usuphenduke inyanga eyaziwa njengeyokuzila ukudla, okufika nezinselelo kwabangafundisekile ngakho. Abanye sebeqalile ukungena kule nkonzo ehambisana nomkhuleko, abanye kulindeleke baqale emasontweni azayo. Isolezwe lixoxe noMfu Senzo Myeni waseSibusisweni Christ Tabernacle kwaNdengezi, ukuthola ukuthi ngelani isasasa lokuzila ukudla ngoJanuwari.
UMyeni ophinde abe ngumsakazi weMbokodo FM, uyaziwa kwabasondelene naye ukuthi ngezikhathi ezithize ngoJanuwari usuke engatholakali ngisho ezinkundleni zokuxhumana.
“Ukuzila ukudla ngumyalelo kaNkulunkulu kwabakholwayo, ngisho uJesu wakuzila ukudla. Yize kungekho indlela eyodwa ebekiwe elandelwayo, sibheka izibonelo zabakwenza ebhayibhelini. Asikho nesikhathi esibekiwe sokuzila kodwa ngoJanuwari kujwayelekile ukuthi babe baningi abangena kule nkonzo ngoba vele kuqala unyaka, wonke umuntu uqala kabusha,” kusho yena.
Umfundisi uyavuma ukuthi ukuzila izinsuku ezingu-21 yikona okunedumela kodwa uyakugcizelela ukuthi akusona isibophezelo. Uthe yena kulo nyaka uzongena nebandla lakhe ezinsukwini eziyisihlanu zokuzila ngoba yisambulo esiveze lokho.
“Kubalulekile ukuthi umholi afundise ibandla ngokuzila ukudla ngoba abanye bakwenza bengazi lutho. Umuntu akavele nje azile ukudla engazilungiselelanga ngokomqondo nangokomzimba ngoba kungaba nomphumela omubi. Kukhona abantu ngokwempilo abantekenteke, okuyingakho kumele wonke umuntu abone udokotela ozomvumela ukuthi angakuzila ukudla,” usho kanje.
Isolezwe like labika eminyakeni edlule ngowesifazane owatholakala eseshonile okusolwa ukuthi wabulawa ukuzila ukudla izinsuku ezingu-40.
UMyeni uyakugcizelela ukuthi abantu bangafa nokufa uma bezila ukudla bengakulungele.
“Udokotela nguye ongasiza ukukuhlola abone ukuthi ukulungele yini ukuzila. Kukhona nabantu abadla imishanguzo ethize ngenxa yokugula, okumele kube ngudokotela ozokwaluleka ukuthi kungenziwa njani,” kuchaza yena.
Abanye banombono wokuthi akumele uma kuzilwa ukudla kumenyezelwe ngoba ukuzila kuphakathi komuntu noNkulunkulu.
Nokho abanye baye babonakale bememezela ezinkundleni zokuxhumana besho nokuthi bazonyamalala izinsuku ezithize, abanye abakubona njengokuzifunela udumo.
UMyeni uthi akayiboni inkinga ngokwazisa osondelene nabo uma uzozila ukudla ngoba kuhambisana nokuzithiba ezintweni ezithize. Uthe naye uyabatshela abangani ezinkundleni zokuxhumana ngoba usuke engeke atholakale nasocingweni ngezikhathi ezithize. Uveze nokuthi umuntu uyazikhethela indlela yokuzila njengoba kukhona abadla izithelo kuphela abanye baphuza amanzi kuphela. Akuzilwa usuku lonke njengoba abanye bedla kancane ntambama baqale ngakusasa.
Amathiphu ngokuzila ukudla
n Nciphisa isikalo sokudla kusasele isonto uqale ukuzila ukujwayeza umzimba.
n Khipha inyongo ukuze ukhuculule umzimba.
n Zijwayeze ukuphuza amanzi ngoba kuzodingeka uwaphuze kakhulu uma usuzilile.
n Nciphisa indlela nezikhathi zokuzivocavoca uma uzilile.
n Phumula ngokwanele futhi ulale ngokwanele uma uzilile.
nGwema izindawo ezinokudla ukuze ungalingeki.
n Uma usuphothula ukuzila qala ngokudla okulula ukugwema ukugula.
n Bonana nodokotela uma uxinwa yikhanda, isiyezi nokuphelelwa ngamandla.