LUNGI LANGA
UKUNGATHOLI amakhasimende enele emabhishi sekuphoqe owesifazane waseMzinyathi owenza izinto zobuhlalu ukuthi alandele lapho kunezingqungquthela ngakhona ukuze akwazi ukudayisa imikhiqizo yakhe.
UNkk Catherine Mthembu (46) nethimba asebenzisana nalo balandela izingqungquthela ezenzeka kuleli njengoba bethi yilapho bethola khona imali ebhekile.
“Awutholi mali etheni uma udayisela lapha esidayisela khona. Kufika idlanzana lamakhasimende lizibukele bese kuba khona laba abazithengela okuncane nje. Sesibonile ukuthi lapha ezingqungqutheleni sikwazi ukwenza imali engconywana,” kusho uNkk Mthembu.
Ngokujwayelekile udayisa ubuhlalu ebhishi ngasesibhedlela i-Addington kodwa manje usebone kungcono azihambele izingqungquthela ukuze enze imali ngoba uthi kuzo kufika abantu abahlukahlukene abathanda ubuhlalu nemiswenko yesintu futhi abangasabi ukukhipha imali.
“Ukube kuyenzeka ngingazilandela umhlaba wonke ngoba okwamanje siya kuzo ngisho ziseGoli noma eKapa,” kusho uNkk Mthembu.
Uthe inkinga abanayo wukubiza kwezindawo zokukhangisa kulezi zingqungquthela ngoba kudingeka ukuthi bakhokhe uma bezokhangisa kuzo.
Yize kunjalo le mali abayikhokhayo ayilingani naleyo abayenza uma behlezi emabhishi bedayisela khona.
Ukwenza nokudayisa izinto zobuhlalu into angene kuyo esekhulile.
Emuva kokuthi umyeni wakhe ezame iminyaka eminingi ukuthola umsebenzi engawutholi, uNkk Mthembu wakubona sekulele kuye ukuthi enze okuthile ngalokhu ngoba babenezingane ezinhlanu ezazidinga ukunakekelwa.
Uthe umamezala wakhe wayenza izinto zobuhlalu abudayise ukuze afake isaka lempuphu endlini. Naye ube eselandela ezinyathelweni zakhe wangena kulo msebenzi ngokuthi ahambe nomamezala bayodayisa waze wafunda okukhulu ngawo.
Manje njalo ekuseni ngehora lesithupha usuke esesendleleni eya ebhishi e-Addington eyodayisa izinto zobuhlalu.
Yena nabanye abadayisi baqala ukusebenza ngehora lesishiyagalombili kuze kulamule ukuhlwa.
UNkk Mthembu akagcini ekuzicebiseni yena nomndeni wakhe kepha usiza nezingane zamantombazane ezifuna ukwazi ukwenza ubuhlalu njengoba enamakilasi lapho ebacija khona.
“Akufanele intsha ihlale ilinde ukuthi ithole imisebenzi kepha kumele izicije ngamakhono lapho isalindile,” kusho uNkk Mthembu.
Uthe ufisa sengathi intsha ingangena izithuthukise ngokwenza umsebenzi wezandla.