CELANI SIKHAKHANE
UMHOLI we-DA ePhalamende uNksz Lindiwe Mazibuko (32) uthi usezinhlelweni zokuthi ashade abenomndeni wakhe ngoba akafuni ukufana nabaye abaholi besifazane abagcine bengenayo imindeni ngenxa yokunikela isikhathi sabo kwezombusazwe.
Lokhu ukusho ekhuluma ne Solezwe nalapho ebecacisa khona ukuthi ngabe unazo yini izinhlelo zokuthi abenowakhe umndeni njengoba ebonakala ematasa nezombusazaswe futhi engumuntu ongathandi ukukhuluma esidlangalaleni ngempilo yakhe.
Echaza ngalokhu akazange acacise ukuthi yinto engenzeka nini kusuka manje.
“Angithandi ukufana nabaholi abafana noHelen Suzman abagcine beze bebabadala bengenayo imindeni ngenxa yokuthi isikhathi semindeni nokuba nezingane abazange babenaso kodwa bebezinikele kakhulu kwezepolitiki. Ngakho nginazo izinhlelo zokuthi ngishade ngibe nezingane nomndeni wami njengabo bonke abantu besifazane,” kusho uNksz Mazibuko.
Enkulumeni yakhe ugcizelele ukuthi yize ekucacisa ukuthi unazo izinhlelo zokushada kodwa akafuni umuntu osuke ezombuza ngezinto ezithinta izindaba zakhe zothando nokunye okuthinta impilo yakhe.
UNksz Mazibuko ukusho lokhu ngemuva kokuthi bekulokhu kunemibuzo yokuthi ngabe uthandana nobani ngoba akakaze abonakale ehamba nomuntu wesilisa kangangokuthi nangesikhathi kuvulwa iPhalamende eKapa ekuqaleni konyaka waqhamuka ezihambela nonina, uNkk June-Rose Mazibuko onguMatron esibhedlela iNkosi Albert Luthuli, eThekwini.
UNksz Mazibuko useke wacashunwa kwelinye lamaphephabhuku ethi uma eseshada uyoqale acabangisise ukuthi ngabe kufanele yini alotsholwe ngoba kukhona abasebenzisa ilobolo ukuhlukumeza abantu besifazane. Uphinde waveza nokuthi yize engumholi kodwa uma esesekhaya uyingane futhi lokho ngeke kushintshe.
Ubekusho lokhu ephawula ngodaba lokuthi usephenduke ihlaya ePhalamende ngoba uMengameli Jacob Zuma uvele angayinaki imibuzo yakhe uma esephendula okushiwo abaholi bamaqembu aphikisayo .
“Empeleni lokho angikuthathi ngokuthi kuhlangene neminyaka yami ngoba uma ngisePhalamende angizithathi njengengane kodwa ngiyazitshela ukuthi ngingumholi ngakho uma noZuma engangiphenduli ngisuke ngazi ukuthi yingoba esuke ebhekene nenkinga yokuthi akazi uzothini ngoba engisuke ngikusho kusuke kumphonsela inselelo,” kusho uNksz Mazibuko.
Uthe i-ANC isenkingeni futhi inovalo nge-DA yingakho noZuma ehlale engayiphenduli imibuzo asuke emphonsela yona ePhalamende .