UPHUME phambili emkhakheni weBest R&B Male uChris Brown
UPHUME phambili emkhakheni weBest R&B Male uChris Brown
UNINA kaWhitney Houston, uCissy, uhlabelele kwavuka umunyu emcimbini wama-BET Awards ngenkathi kukhunjulwa uWhitney
UNINA kaWhitney Houston, uCissy, uhlabelele kwavuka umunyu emcimbini wama-BET Awards ngenkathi kukhunjulwa uWhitney
I-THE Throne (Kanye West noJay Z) bemukela indondo yeBest Group
I-THE Throne (Kanye West noJay Z) bemukela indondo yeBest Group
ULIRA ubemele iNingizimu Afrika kuma-BET Awards, abeseMelika, ngeSonto
ULIRA ubemele iNingizimu Afrika kuma-BET Awards, abeseMelika, ngeSonto
UNIKI Minaj nendondo yakhe ye-Best Female Hip Hop ayithole ngeSonto ebusuku kuma-BET Awards
UNIKI Minaj nendondo yakhe ye-Best Female Hip Hop ayithole ngeSonto ebusuku kuma-BET Awards
UMCULI we-R&B u-TYRESE ecula kuma-BET Awards
UMCULI we-R&B u-TYRESE ecula kuma-BET Awards
UMCULI we-hip hop uCommon uhlonishwe ngeCentric Award kuma-BET Awards
UMCULI we-hip hop uCommon uhlonishwe ngeCentric Award kuma-BET Awards

INTATHELI YESOLEZWE

ASILIBONANGA elidlalayo isihlabani sakuleli se-Afro pop emcimbini wokuhlonipha abaculi abamnyama obaseMelika, ama-Black Entertainment Television (BET) Awards.

Yize uLira eliphephezelisile ifulegi laseNingizimu Afrika ngokuqokelwa emkhakheni walo mcimbi, le ntokazi ibuye ilambatha kodwa iziqhenya ngokuba yingxenye yalo mcimbi, obungeSonto.

ULira ubeqokelwe emkhakheni weBest International Act: Africa, encintisana noWizkid waseNigeria, Camp Mulla (Kenya), Ice Prince (Nigeria), Sarkodie (Ghana) noMokobe waseMali. Kulo mkhakha umhlanganiso ugcine udliwe nguSarkodie noWizkid.

ULira akayena umculi wokuqala ukuyomela iNingizimu Afrika kulo mncintiswano. Nyakenye kwakuqokwe iqembu le-hip hop iTeargas, eyashaywa ngabaculi baseNigeria uD’Banj no-2Face Idibia.

Kulo mcimbi uLira uqhamuke egqoke ingubo ende ebomvu tebhu, ehambisana nesikhwama sakhona esincane esinombala obomvu noluhlaza okwesibhakabhaka. Ngesikhathi ehamba kukhaphethi obomvu, abakuleli abazinze eMelika bachwaze kwezwakala ku-Twitter, kwazise bona bebewubuka bukhoma lo mcimbi esiteshini iBET. Bebengancomi ubuhle bengubo kuphela kepha bebezwakalisa ukuzigqaja ngaye ngokufinyelela kuleli zinga.

Naye uLira kule nkundla uthe uzizwa ekhethekile futhi ethobekile ukuba aqokelwe ukuzomela iNingizimu Afrika.

Abanye abaculi abadonse amehlo kulo mcimbi ngabashadikazi uBeyonce noJay-Z abawole izindondo. Ukuqhamuka kukaKanye West nesithandwa sakhe esisha uKim Kardashian nakho kudonse amehlo njengoba bebengabanye bosaziwayo abebehleli phambili, amakhamera ezitika ngabo.

UBeyonce uthole indondo yeBest Female: R&B, Video of the Year neyeVideo Director of the Year.

UChris Brown ugoduke neyeBest Male: R&B, kwi-Best Female Hip Hop kwawina uNicki Minaj kwathi eyeBest Male Hip Hop yathathwa nguDrake.

UCommon uhlonishwe ngeCentric Award, kwathi uMfundisi Al Sharpton wahlonishwa ngeHumanitarian Award. ILifetime Achievement Award inikwe uFrankie Beverly noMaze.