CELANI SIKHAKHANE
A SEHLANGA kahle kwabaningi isinqumo sikaSihlalo kazwelonke we-EFF, u-Advocate Dali Mpofu, sokumela uGareth Cliff ongumsakazi kodwa oxoshwe ekubeni yijaji lama-Idols ngemuva kokubhala kuTwitter evikela inkulumo kaNkk Penny Sparrow owabiza abantu abamnyama ngezinkawu.
Nakuba i-EFF isamukele isinqumo sikaMpofu kodwa abahlaziyi bezombusazwe namalungu omphakathi bamgxekile uMpofu bemsola ngokuthi ubeka imali phambili esikhundleni semigomo yeqembu lakhe.
UMnuz Mbuyiseni Ndlozi uthe nakuba bewuhlonipha umsebenzi kaMpofu kodwa basamile ekutheni uCliff unobandlululo futhi ugcwele ukucwasa okuyisimanga.
“UCliff siyamazi ukuthi ubabukela phansi kangakanani abantu abamnyama, yingakho nangesikhathi kushone owayenguNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt Manto Tshabalala-Msimang, asizakala ngoba kwakufe umuntu omnyama. Ngokwesintu akukaze kujatshulwe uma kufe umuntu kodwa lokhu kwenziwa abantu abafana noCliff abangawazi amasiko kodwa abazonda abantu abamnyama.
“Namanje simbonile evikela uPenny Sparrow obize abantu abamnyama ngezinkawu. Ngaphandle kwalokho uMpofu siyawuqonda umsebenzi wakhe odinga angachemi kodwa anikeze wonke umuntu usizo aludinga kwezomthetho ngaphandle kokubheka ibala lakhe,” kusho uNdlozi.
Umhlaziyi wezepolitiki, uMnuz Sanele Nene, uthe nakuba kungumsebenzi wakhe uMpofu lokhu akwenzayo kodwa kuzoyilimaza i-EFF ngokuhamba kwesikhathi.
“UMpofu uyindoda ehlale ithatha izinqumo ezithusayo futhi namacala avamise ukuba nosizo kuwo yilawo asuke esemehlweni omphakathi. Lokho kukodwa kukhomba ukuthi ungumuntu wodumo nobeke phambili imali.
“Okwamanje ngeke i-EFF ilahlekelwe ngamalungu ayo ngalokhu kodwa abantu abaseceleni ngeke bayizwe kahle indaba yesinqumo sikaMpofu nokuzogcina kulimaza iqembu ngokuhamba kwesikhathi,” kusho uNene.
Uthe ngakolunye uhlangothi uCliff ukwenze ngamabomu ukuqoka uMpofu ngoba ezama ukuthumela umyalezo wokuthi abantu bambone njengomuntu omelwe wumuntu omnyama ongenalo ubandlululo.
Umhlaziyi ozimele, uMnuz Thabani Khumalo, uthe isinqumo sikaMpofu sizomfaka enkingeni ngoba abantu bazohluleka wukumethemba uma esekhuluma njengoSihlalo we-EFF.
“Inkinga ekhona wukuthi uzokhuluma indaba yokulwa nokucwaswa kwabantu abamnyama njengoSihlalo we-EFF kodwa ekugcineni umsebenzi wakhe umphoqa ukuthi aphambane nasuke ekukhuluma. Empeleni uzifake kwesimazonzo ngokuthatha lesi sinqumo engacabanganga kahle ngenxa yokuthi uvele usechemile ngokwepolitiki,” kusho uKhumalo.
Ngesikhathi eseyilungu le-ANC uMpofu wethusa abaningi emela uMnuz Julius Malema owayephikisana nokuxoshwa kwakhe enhlanganweni.
Uphinde wamela iSilo sabaThembu, uBuyelekhaya Dalindyebo, singaboni ngaso linye nomndeni.
Uzakhele udumo ngokuba womunye wabameli ababemele izihlobo zabasebenzi ababulawa eMarikana.
UCliff umangalele abakwaM-Net efuna khona u-R25 million ngokumxosha emsebenzini yize ethi besebemthembise ngomlomo ukuthi usazoqhubeka abe yijaji kuma-Idols kule sizini ezoqala.