FANELESIBONGE BENGU
OBENGUMBHIDISI wekhwaya yaseFree State ekhishwe ngeSonto emncintiswaneni i Clash of the Choirs kuMzansi Magic usexwayise amajaji ngokuthi kumele aqaphele izinto azishoyo ngoba “zingazibulala izingane ezingamalungu ekhwaya”.
USfiso Ncwane uthe amajaji ohlelo avele akhulume enganaki ukuthi kwesinye isikhathi izinto azishoyo azakhi kunalokho zibulala ukuzethemba kubaculi.
“Amajaji awanayo inhlonipho. Avele akhulume nje isinoma yikanjani. Uma uyijaji kumele uqaphele into oyishoyo. Izinto azikhipha emlonyeni aziyakhi iNingizimu Afrika ngokomculo. Uma ubuka iX Factor no-American Idols amajaji akhona akhuluma ngenhlonipho,” kusho uNcwane.
Wenze isibonelo lapho amajaji athi abelindele lukhulu ekhwayeni kaKelly Khumalo yaseGoli.
“UKelly waze wazikhalela ethi akangajajwa ngento amajaji ayilindele kuye kodwa amjaje ngento ayibonile,” kusho uNcwane.
Amajaji alo mncintiswano nguRebecca Malope, Anele Mdoda, uNcwane athe uyena oyinkinga kakhulu, noZwai Bala obuye angabi khona kufike amajaji ayizimenywa.
Uthe ezinye zezinto ezishiwo ngamajaji zinqanyuliwe zangavezwa kuthelevishini.
Uthe uzokhuluma nabadidiyeli bohlelo uma sebehlangana sekuyokwenziwa isiqephu samanqamu.
Uthe yize ekhishiwe kodwa ufunde lukhulu ngokuba kulo mncintiswano ikhwaya ezowuwina ezohlomula ngesheke likaR1 million.
“Ngesikhathi kukhishwa ikhwaya yaseKZN ngimane ngazitshela ukuthi sengizomela izifundazwe ezimbili okuyiyo neFree State. Ngifunde ukuzinikela emsebenzini. Kwesinye isikhathi omunye umuntu uyacasuka ngakho ngaphambi kokuthi nizilungiselele kumele uqale ukhulume naye noma abanye bexabene, kumele uqale uzame ukulungisa leso simo bese niyasebenza,” kusho uNcwane.
Uqhube wathi: “Ngithole nokuthi ngaziwe ezindaweni eziningi nakwamanye amazwe ase-Afrika okuyinto enhle kimi.”
AbakwaMzansi Magic abatholakalanga, kuze kwashaya isikhathi sokushicilela, isolezwe belifuna baphawule ngokushiwo uNcwane ngamajaji.
I Clash of the Choirs idlala kuMzansi Magic ngo-5.30 ntambama ngeSonto.