ZANELE MTHETHWA
LIYAKHULA isasasa lonodoli abamnyama njengoba sebezotholakala kalula emuva kokuba usomabhizinisi osezinze kuleli eqale isu lokubaqoqa.
UMala Bryan, osezinze eCape Town osungule labo nodoli ephesheya ngaphansi kwelebuli iMalaville Dolls, ufisa nokuthi abadala babe nabo. Zine izinhlobo zonodoli esezitholakala nakuleli abacishe bafane noBarbie kodwa abanomzimba nezinwele zomuntu omnyama. Bonke banamagama abo kanti uMala uthi unodoli ngamunye wehlukile.
UMala uthi inhloso yokuqoqa onodoli ukukhuthaza abadala nabancane ukuthi basabalale emicabangweni. Ukubona onodoli abaningi benziwe bafana nabelungu, kwamenza wafuna ukuqhamuka nokwehlukile okuzokhuthaza nezingane zabamnyama. Konodoli kukhona noqanjwe ngegama lakhe njengoba ethi nabo bafana nanoma yimuphi owesifazane onamaphupho.
“Bengifuna kube nonodoli abanezinwele ezifana nezethu nesikhumba sethu kodwa abangabizi. Bengifuna bande onodoli abadayiswa ezitolo ngoba bese befana bonke yingakho ngiqhamuke nokwehlukile,” kusho yena.
Uthe: “Siphila emhlabeni lapho kunamasiko nezinhlanga ezahlukene. Kufanele nezingane ziqale ukukufunda lokhu zisakhula zazi ukuthi sibaningi kodwa sihlukene,” kusho yena.
Ukholwa wukuthi indlela izingane ezidlala ngayo nonodoli bazo ikhombisa indlela ezizoziphatha ngayo sezikhulile. Ocwaningweni lwakhe ngonodoli wathola ukuthi bangabangani abakhulu ezinganeni futhi zigcina zibukela kubona ngendlela abakhiwe ngayo. UMala naye okhule enonodoli, uthe okwehlukile ngabakhe wukuthi abanabukhazikhazi kakhulu njengezinye izinhlobo. Nabo baphaquliwe kodwa inhloso enkulu ukukhombisa ubuhle bendalo.
Indlela abakhiwe ngayo ihambisana nomsebenzi abawenzayo kuhluke indlela abagqoka ngayo. Nalokhu uthe kungasiza ukukhuthaza izingane ngokuthi zikhule zizimele, zilandele namaphupho. Njengoba abanye onodoli begcina bekhishwa ezitolo ngezizathu zokuphepha, kuthiwa abeMala Dolls bahloliwe kwaphasiswa ukuthi kuphephile ukudlala ngabo.
“Ngiyafisa nabadala babe nabo labo nodoli ukuze baxhumane nobungane obungaphakathi kubona,” usho kanje.
Onodoli bayatholakala ngokufaka i-oda kwi-website yeMalaVilleToys nasesitolo eCarne SA Restaurant eCape Town. Babiza uR300. UMala uthe ufisa batholakale kuzo zonke izitolo zamathoyizi kanti maduze uzokwethula nezimpahla zabo. Ululeka abazali ukuthi babheke ukuthi izingane zabo zibaphatha kanjani onodoli ukuze babone izinkomba zokuthi zizoziphatha kanjani uma sezikhulile. Uthe onodoli akabenzelanga izingane zabamnyama kuphela kodwa bangasiza ukuhlanganisa izinhlanga ezahlukene.
UMala, ohlonishwa emhlabeni wonke kwezokumodela, uzalwa eSt Lucia eWest Indies. Uyaziwa nakwezamabhisinisi emkhakheni wemfashini.