BONISWA MOHALE
UTHI wafundela ubuntatheli oselingisa emdlalweni owuchungechunge odlala ku-SABC 2 i- Muvhango.
USimphiwe Ngema (22) olingisa indawo kaThuli kuMuvhango uthe ungene kulo mkhakha ngenxa yothando lwakhe njengoba yena wafundela ubuntatheli e-Boston College.
“Ngiqale ukulingisa emidlaweni emikhulu yeshashalazi ngineminyaka engu-17, umdlalo wami omkhulu bekuyi- Lion King. Emuva kwawo ngacelwa ukuba ngihambele inhlolokhono yo Muvhango ngase ngithola indawo kaThuli,” kuchaza uSimphiwe.
Uye waveza ukuthi emuva kokudlala kwi- Lion King wabuyela esikoleni wayophuthula iziqu zakhe zobuntatheli.
Kulezi zinsuku abalandeli bo Muvhango bayazi ukuthi zimshubele uThuli njengoba esolwa ngokujola nendoda eshadile, ummeli uNjabulo.
Yize esezame kaningi ukuphika kodwa umzala wakhe uThandaza (Sindi Dlathu) nonkosikazi kaNjabulo uCarol (Phuti Khomo) abayingeni indaba yakhe.
Ngesikhathi ebuzwa ukuthi ngabe kukhona yini okufanayo phakathi kwakhe noThuli, uziphendulele ngokuthi into efanayo wukuthi bobabili bayathanda ukuphumelela kwabakwenzayo.
Bobabili baphuma emndenini oqotho ongeke uvume ukuthi owesifazane athandane nendoda eshadile.
Umbuzo omkhulu ngothi ngabe uThuli ujola ngempela yini noNjabulo?
USimphiwe uthe uThuli uyamthanda uNjabulo kodwa uxakwa wukuthi ushadile.
Akazange afune ukuphumela obala ngokuthi bazogcina bethandana yini noma cha.
“Ngicela abafundi be Solezwe nabathandi bo Muvhango babukele iziqephu ezizayo ngoba kuningi okuzokwenzeka. Kusazoshuba empilweni kaThuli ngoba uyazifela ngoNjabulo. Inkinga yakhe wukuthi ucabangela umndeni wakhe kakhulu uvele azibuze ukuthi ngabe uzothini uma esenza okuphambene nezimfundiso zawo,” kuchaza uSimphiwe.
Uye wagqugquzela intsha efisa ukungena kulo mkhakha ukuba ifunde futhi isebenze ngokuzikhandla.
Mayelana nokungaveli kwakhe emaphephandabeni omgosi uziphendulele ngokuthi uma ufuna ukuhlala isikhathi eside emkhakheni wezikaqedisizungu kufanele uphile impilo yakho kude namaphephandaba, ukhethe nemicimbi oyihambelayo.
“Angifuni ukuba semephephandabeni ngezizathu ezimbi, ngiphila impilo yami nomndeni wami. Kufanele intsha uma isingene lapha ingavumeli ukuthi udumo ludlale ngayo. Iqhubeke ngokuziphatha kahle,” kusho uSimphiwe.
USimphiwe ukhulele eKlipspruit eSoweto, abazali bakhe bashadile yena ungowesibili emantombazaneni amathathu.
Uthe uyazifela ngamagwinya ne-white liver okuyigama okubizwa ngalo isibindi senkukhu eGoli.
Izinsizwa ezizitshela ukuthi kukhona ezisengakwenza kuSimphiwe zihambe kabi ngoba unomuntu athandana naye.
UMuvhango udlala ku-SABC 2 ngo-9 ebusuku.