FILE - In this Nov. 6, 2011 file photo, Lady Gaga performs at the MTV European Music Awards 2011, in Belfast, Northern Ireland.  Lady Gaga has canceled her sold-out show in Indonesia over security concerns after Muslim hard-liners threatened violence if the pop diva went ahead with her "Born This Way Ball," promoters said Sunday.  (AP Photo/Joel Ryan, File)
FILE - In this Nov. 6, 2011 file photo, Lady Gaga performs at the MTV European Music Awards 2011, in Belfast, Northern Ireland. Lady Gaga has canceled her sold-out show in Indonesia over security concerns after Muslim hard-liners threatened violence if the pop diva went ahead with her "Born This Way Ball," promoters said Sunday. (AP Photo/Joel Ryan, File)
LESI sithombe sitshengisa eminye imigilingwane eyenziwa nguLady Gaga emzimbeni wakhe njengoba lapha wakhulisa izindlebe zakhe  waphinde wazenza umfana
LESI sithombe sitshengisa eminye imigilingwane eyenziwa nguLady Gaga emzimbeni wakhe njengoba lapha wakhulisa izindlebe zakhe waphinde wazenza umfana

INTATHELI YESOLEZWE

UKUDUMA ngokwenza imigilingwane emzimbeni wakhe, ukugqoka izimpahla ezixakile nezingoma ezinama-video asusa umsindo, kwenza uLady Gaga abalwe nabaculi abahamba phambili kulezi zinsuku.

Abantu baseThekwini kodwa bazoyizwa ngendaba imigilingwane yalo mculi njengoba sekumenyezelwe ukuthi uzotheleka kuleli ngasekupheleni konyaka.

ULady Gaga uzoba namakhonsathi amabili eFNB Stadium eGoli ngoNovemba 30 naseCape Town Stadium ngoDisemba 3 kuphela, njengenjwayelo iTheku lishaywe ngesithende kanti lidume kabi ngokugqoza kokuthengwa kwamathikithi uma kunamakhonsathi.

Izolo inkampani ehlela amakhonsathi edume ngokuletha izihlabani zaphesheya kwezilwandle kuleli, iBig Concerts imemezele ukuthi uLady Gaga uzoba nendumezulu yekhonsathi ezoba ngundabuzekwayo.

Le khonsathi iyingxenye yochungechunge lwama-khonsathi azungeza umhlaba anawo uLady Gaga, abizwa ngeThe Born This Way Ball.

Kwamanye amazwe asewahambelile ushiye kuphungwa ngaye itiye njengaseThailand lapho kuthiwa wenza khona ihlaya wathi usejahe kabi ukuya emakethe yakhona ukuyothenga umbombayi wewashi i-rolex.

NoNgqongqoshe wezamasiko kuleliya lizwe wayesho ukumfaka enkantolo ethi ulisebenzise budlabha ifulegi laseThailand njengoba wayelibeke ngemuva kwesithuthuthu angena ngaso esiteji, liphephezela ngemuva kwakhe.

Lokhu akumthenanga amandla kodwa uLady Gaga njengoba esaqhubeka nalolu chungechunge futhi esengeze neNingizimu Afrika kule khonsathi ayichaza ngokuthi izobe iyisimanga abantu abazobe beqala ukusibona.

“Mina neHaus of Gaga sisebenze izinyanga sakha isiteji esikhangayo sale khonsathi. I-The Born This Way Ball ngingayichaza njenge-electro-metal-pop-opera. Ixoxa indaba yesiqalo, isiqalo sombuso wodumo. Iveza ukuthi sazalwa kanjani nokuthi siyofa kanjani sigubha,” kusho uLady Gaga.

Kulindeleke ukuthi iqembu laseBritain le-rock, iThe Darkness kube yilo elibhulela lesi sihlabani amazolo. ULady Gaga uzohlanyisa abantu ngezingoma okukhona kuzo i-Born This Way, Fame neThe Fame Monster.

Isasasa lama-albhamu akhe limenze wadayisa amakhophi angu-23 million emhlabeni jikelele, kuFacebook unabalandeli abangu-52 million, kuTwitter bangu-23 million kanti iphephabhuku iForbes lamgagula njengowesifazane onamandla emhlabeni jikelele nyakenye, kwathi iTime yamfaka ohlwini lwabantu abangu-100 ababalulekile emhlabeni ngo-2010.

Azoqala namhlanje ukudayiswa amathikithi awo womabili amakhonsathi e-computicket, asuka ku-R315 kuya ku-R715.