UMSUBATHI waseJamaica u-Usain Bolt ngesikhathi eziqeqesha neMamelodi Sundowns ngoMsombuluko ekuseni Isithombe: BACKPAGEPIX

ISIHLABANI sezokusubatha ku-100m naku-200m u-Usain Bolt sisenethemba lokudlala ibhola esigabeni esikhokhelayo.

UBolt (31) waseJamaica, ushiye phansi ukusubatha emuva kwama-World Championships eLondon nyakenye.

Uthuse umhlaba wonke ngesikhathi eveza ukuthi ufuna ukudlala ibhola. UBolt uzame inhlanhla kwiBorussia Dortmund yaseGermany kodwa yagcina ingamthathanga.

Imizamo yakhe yokuziqeqesha neManchester United yase-England ibhuntshile emuva kokuthi abaxhasi bakhe bezinto zokugqoka iPuma imnqabele nokusolwa ukuthi kungenxa yokuthi leli qembu lixhaswe yizimbangi i-Adidas.

Ohambeni lwakhe lwaseNingizimu Afrika uBolt uziqeqeshe neMamelodi Sundowns eChloorkop. Ushaye igoli ngesikhathi bengcweka.

"Ngizobuyela ekhaya ngiyojima ngoba ngizibonile ukuthi angikho esimeni esihle. Ibhola ngikhule ngilithanda nakuba ngikhulele ekusubatheni nakwikhilikithi. Umqeqeshi ubehlale engixosha ebholeni, bengingunozinti. Ngesikhathi ngiyeka ekusubatheni ngizitshele ukuthi sekuyisikhathi sokudlala ibhola. Ngizimisele impela ukudlala ibhola njengoba nazi ukuthi sengibuya kwiBosussia Dortmund.Ngizobuyela ekhaya ngiyoziqeqesha kahle, ngiqhubeke nokufuna iqembu," kusho uBolt.

Ejimini yeSundowns, uBolt ubeligwabhuluza ngenxele lakhe kodwa edonsa kanzima uma sekufanele amake ibhola ngenxa yokushesha kwabadlali baleli qembu.

Nokho ubephaselana kangono noPercy Tau okuholele ekutheni ashaye igoli kuDenis Onyango.

Ebuzwa ngendlela uBolt adlale ngayo, uPitso Mosimane, oqeqesha iDowns, uvele wantela wathi ngokobude bakhe engaba umgadli noma ayibambe maphakathi emuva kodwa kusafanele ayojima ngempela ukuze abe sesimeni esihle.