NOKUBONGWA PHENYANE noSIZWE BLOSE
BASALE bedidekile abadidiyeli bohlelo i Big Brother Africa Hotshots obekulindeleke ukuthi luqale ngeSonto emuva kokuba izolo kuqubuke umlilo oshise indlu obekuzohlala kuyo abalungenele.
Izolo abezindaba bathunyelelwe isitatimende ebesisho ukuthi lolu hlelo ngeke lusaqala ngeSonto ngenxa yomlilo.
okhulumela abakwaMultichoice, uMichelle Esau, uthe basadidekile ngokwenzekile abakazi nokuthi bazothathani bahlaganise nani wathi kusazoba khona uphenyo ngembangela yalo mlilo.
“Nathi sithole ucingo luvela kwabakwa-Endemol manje ntambama abakhiqiza lolu hlelo besazisa ukuthi ngeke lusaqala ngeSonto ngenxa yomlilo. Asazi ngempela ungakanani umonakalo owenzekile njengoba kusanda kwenzeka futhi sisahlanganisa izindaba zokuthi ngempela kuzokwenziwa njani njengoba kumele nakanjani sithole indlu esizosebenzela kuyo maduze,” kusho uMichelle.
Uthe izolo balale bengakazi ukuthi ungakanani umonakalo. akulimalanga muntu.
“Konke bese kuhleliwe amakhamera ekhona asazi ngempela ukuthi yini edale umlilo. Njengoba uhlelo lwaziwa ukuthi lusebenza ngamakhamera nama-micro phone asebenza ngendlela eyenza kuzwakale kahle kumele kwaziwe ukuthi endlini etsha ezosetshenziswa, konke lokho bekungekho kodwa nakanjani sizozama konke okusemandleni ukuthi sisheshe sikulungise ukuze uhlelo oluthandwa kakhulu e-Afrika luqhubeke,” kuchaza uMichelle.
Uthe maduze bazokwazisa abezindaba ukuthi yini ezokwenzeka mayelana nohlelo.
Kuyaqala ukwenzeka lokhu emlandweni we Big Brother ukuthi kuphazamiseke izinhlelo zokuqala kwayo.