BAWINILE NGCOBO
BAHOXISE ukufaka isicelo sebheyili abasolwa ababili ababhekene necala lokubamba inkunzi nokubulala unina kasomabhizinisi owakha umuzi kaMengameli Jacob Zuma waseNkandla.
UNkk Victoria Mahlalempini (65), ngunina kaNkk Thandeka Nene wayenguMfundisi, wagwazwa amanxeba angu-21 phambi kwezingane zakhe esemzini wakhe eNagina, eMariannhill lapho ashonela khona.
UNkk Mahlalempini wahlaselwa ngezithuba zawo-10 ebusuku ekhulekela umndeni wakhe.
Abasolwa bathatha iTV, upiyano lwasesontweni nezinye izinto endlini base behamba nemoto yakhe iToyota Corolla eyabuye yatholwa inabasolwa abane phakathi, ababili ahoxiswa amacala kubo.
Izolo kuvele enkantolo yeMantshi ePinetown uMnuz Thamsanqa Moses Dlamini (30) noThandukwazi Charles Dludla (23) lapho bekulindeleke ukuba bafake isicelo sebheyili.
Laba balaxazwa ngummeli wabo ngenyanga edlule ngesikhathi bevele kuyo le nkantolo kanti izolo bese benommeli omusha wamahhala uNksz Zinhle Mashaba.
UNksz Mashaba uvezele inkantolo ukuthi abasolwa bayahoxisa ukufaka isicelo sebheyili kanti azikho izizathu azibekile ukuthi kungani behoxa.
Bebuzwa abasolwa ukuthi bayahambisana yini nokushiwo ngummeli wabo, bavumile. Icala labo libe selihlehliselwa uMashi 18 ukuze kuqhubeke uphenyo.
Enkantolo ubekhona uNkk Nene ehamba nezihlobo namalungu ebandla likaNkk Mahlalempini iPower of God Ministries ebelinamagatsha KwaZulu-Natal nase-Estern Cape.
Khonamanjalo kule nkantolo kuvele uMnuz Mthobisi Brian Kubheka (23) osolwa ngokubulala ingane enezinyanga ezingu-18, uSimphiwe Gasa Gwamanda okuthiwa wathola ukuthi kwakungeyona eyakhe futhi isitifiiketi sayo sokuzalwa sasibhalwe isibongo senye indoda yena ekubeni wayazi ukuthi unguyise wayo.
UKubheka wahoxisa ukufaka isicelo sebheyili kanti icala lakhe lihlehlisilwe uMashi 24 ngoba kusalindwe umbiko ngokuhlolwa kwesidumbu sengane.
UKubheka ubhekene nanecala lokushaya unina wale ngane uNksz Lungile Gasa, okuthiwa wamshaya ngempama ngosuku lwesigameko ngo-Okthoba nyakenye.