INTATHELI YESOLEZWE
I NHLANGANO eyengamele ukusebenza kwabezempilo iHealth Professions Council of SA (HPCSA) ithe udokotela wenhliziyo uDkt Wouter Basson ( osesithombeni) waziphatha ngendlela edicilela phansi isithunzi somkhakha wezempilo ngesikhathi sobandlululo.
Lokhu le nhlangano ikusho izolo ngesikhathi kulalelwe isinqumo sokugwetshwa kukaBasson ePitoli.
Umshushisi, u-Adv Sallie Joubert uthe bazimisele ngokukubeka obala ukuthi ukuziphatha kukaBasson ngesikhathi esebenza njengodokotela ngezikhathi zobandlululo kwakushaqisa futhi kufikisela ngamahloni.
Uqhube wathi uBasson ogcine esaziwa ngo ‘Dkt Death’ uyichilo emkhakheni wezempilo.
“Kufanele ikomiti libheke isisindo secala liphinde libheke ukuthi amacala abhekene nawo athinta ukuziphatha ngendlela engahloniphekile neyichilo emsebenzini. Kufanele libheke nokuthi kubathinta kangakanani abantu lokhu,” kusho u-Adv Joubert.
Uthe isigwebo esifanele bekungukumsusa ohlwini lodokotela nokuthi akhokhele izindleko ze-HPCSA zokuphenya ngendlela asebenza ngayo.
Ukulalelwa kwesigwebo sikaBasson kuqale izolo.
NgoDisemba nyakenye i-HPCSA imthole enecala lokungaziphathi ngendlela emsebenzini wakhe.
Uphenyo ngokusebenza kwakhe belubheka ukuthi ngabe wenza ngakho yini ngesikhathi esebenza njengongoti wezokubulala abantu ngamakhemikhali esebenzisana nohulumeni wobandlululo.
Wayebekwe icala lokusebenza ngendlela ephambene nemigomo yokusebenza kwabezempilo ngokuzibandakanya ekwakheni izidakamizwa iMandrax, cocaine nesisi esikhalisa unyembezi okuthiwa kwakukhiqizwa kuthunyelwe kowayehola inhlangano yezepolitiki yase-Angola, i-Unita, uMnuz Jonas Savimbi.
Uphinde wasolwa ngokungahambisi kahle ngokuhlinzeka amakhemikhali ayesetshenziswa lapho kuthunjwa abantu beqiswa imingcele. Usolwa nangokukhiqiza amaphilisi i-cyanide eyayisetshenziselwa ukuzibulala.
Ngo-2002 iNkantolo eNkulu ePitoli yamkhulula emacaleni ayehambisana nalokhu okubekwe kulolu phenyo lwe-HPCSA.
Umbuso walidlulisela phambili icala ngo-2005 lafike lachithwa.
I-HPCSA ibuyekeze lesi sinqumo ukuthola ukuthi besikhona yini isidingo sokuqhubekela phambili nokuphenya ngendlela aziphatha ngayo uBasson.
U-Adv Joubert unabe kabanzi ngokungenami kwabo ngesigwebo washo ukuthi kunamakhulukhulu abantu abasayine izincwadi ezithi akasuswe ohlwini lwabasebenzi bezempilo uBasson.
Kwabasayine izincwadi kukhona nabasebenzi bezempilo.