SAPA
U mkhangisi uReeva Steenkamp waphefumula kambalwa emuva kokuthi edutshulwe ekhanda yisoka lakhe u-Oscar Pistorius, iNkantolo eNkulu yasePitoli izwe kanjalo izolo.
Udokotela ohlola izidumbu uDkt Gert Saayman uthe uSteenkamp akazange aphefumule isikhathi eside emuva kokudutshulwa ekhanda.
Ubethula ubufakazi ecaleni lokubulala elibhekene noPistorius owadubula uReeva wafa emzini wakhe osePitoli ngoFebhuwari 14 ngonyaka odlule. UPistorius uthi wayezitshela ukuthi yisigebengu.
USaayman uchaze inxeba elabe lisekhanda njengalenza wangabe esakwazi ukunyakaza uReeva wathi kwaba nomonakalo ebuchosheni ngoba kwaqhekeka ugebhezi.
Kodwa nokulimala kwakhe engalweni nasenyongeni yangakwesokudla nakho kwakungambulala, usho kanje.
Ithambo lenyonga lahlakazeka, uchaza kanje. Ngesikhathi uSaayman ekhuluma “ngaleli nxeba elibuhlungu” uPistorius ugebise ikhanda kwangathi uyabuyisa.
Uthe uReeva kufanele ukuthi wawa ngaphandle uma kwakunento angabambelela kuyo, kwakuzoba nzima ukuthi akwazi ukuzimela.
Kwabe kungukulimala okwakungadala ukuthi ashone uma engakutholi ukulashwa ngokushesha. Uthe amathuba ayengu-50/50 okuthi alulame emuva kwalokhu kulimala.
Uchaze inxeba engalweni kaReeva njengelibi kakhulu. Ingalo yakhe yangakwesokudla yahlakazeka, yangabe isasebenza.
USaayman uthe noma ngabe yiliphi inxeba noma ngelisekhanda, engalweni noma enyongeni ayengambulala ngoba wayedinga usizo oluphuthumayo ukuze asinde.
USaayman uthe udokotela ozimele ohlola izidumbu oqashwe ngumndeni kaPistorius wayekhona ngesikhathi ehlola isidumbu.