CELANI SIKHAKHANE
I SIKHUNGO sezomthetho eNyuvesi yase-Cape Town aseneme ngomthethosivivinywa omayelana nokuphathwa kwemali yeSilo samabandla njengoba sikhala ngokuthi kuningi okuzokonakala ngokusetshenziswa kwezimali zabakhokhibentela eNdlunkulu. Bathi lokhu kuzoqhubeka nokubeka iSilo njengomuntu omkhulu kunamanye amakhosi ezinye izizwe.
I-Centre for Law and Society (CLS), ikusho lokhu encwadini eyibhalele isiShayamthetho saKwaZulu-Natal ngemuva kokuvulelwa komphakathi ithuba lokuba uphawule ngalo mthethosivivinywa ozolawula ukusebenza kwesikhwama seSilo samabandla.
Umthetho okukhalwa ngawo yi-Royal Household Trust Bill 2015.
“Kuningi okungahambi kahle kulo mthethosivivinywa okungasigculisi njengokuthi kunezigaba lapho kubonakala kungekho okuzophoqeka khona ukuba kwaziwe ukuthi lesi sikhwama seSilo siyithathaphi imali, nokuthi ingakanani imali yabakhokhibentela ezobe isebenzile. Lokhu kukhomba ngokusobala ukuthi uhulumeni waKwaZulu-Natal uqinisekisa isikhalo esesike sabakhona ebuholini boMdabu eNingizimu Afrika sokuthi iNgonyama yamaZulu iyona ephathwa kangcono wuhulumeni wezwe kunamanye amakhosi kangangokuthi ize yenzelwe isabelo mali sayo. Kumanje ibinikezwe u-R54 million kwathi kusenjalo kwezwakala isithi isifuna u-R10 million ngoba ayisenayo imali. Siyacela ukuba le nto ibhekisiswe ngoba kuzoxhaphazeka imali yabakhokhibentela ngendlela engabonakali,” kusho lesi sikhungo.
I-LCS ibuye ikhale ngokuthi nakuba uSection 6 ka-2007 uqinisekisa iqhaza lekomiti lezindaba zaseNdlunkulu ngokusebenza kweRoyal Household Trust, kodwa kulo mthethosivivinyo umthetho awuqinile ekutheni kucace ngokuchithwa kwemali nokuthi isuke ivele kuphi.
Okunye kube ukuthi kumele uhulumeni waKwaZulu-Natal uma kuziwa kulezi zindaba uqinisekise ukuthi ufaka izikhangiso kuzona zonke izindawo kusuka ezinkundleni zokuxhumana, emaphephandabeni emiphakathi nasemisakazweni ukuze abantu babe nethuba elanele lokufaka imibono yabo.
Kukhalwa nangokuthi lokhu kugcina kungacacisi ngokukhishwa kwamathenda ukuthi ngabe asuke ephume ngendlela yini njengoba singekho isigaba esithi akukhangiswe umsebenzi kuqokwe abantu abathathu abasuke befake izicelo zawo.
Ihhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal liziphendulele ngokuthi yonke imali iyabhekisiswa njengoba uMcwaningi Mabhuku ebheka konke okusuke kwenziwe ngezimali nokuthi zisuke ziqhamuke kanjani.
Lidalule nokuthi imigomo icacile kulo mthethosivivinyo yokuthi uma kukhona abaphule umthetho noma baphambana kumele babekwe icala.
“Siyayamukela imibono ye-Centre for Law and Society, izinto eziphakanyiswe yiyo sizibeke eqhulwini futhi sizokubhekisisa okuningi kulokhu abakhala ngakho,” kusho ihhovisi likaNdunankulu.
Lesi sikhungo sizichaza njengesibhekele kakhulu amalungelo abantu basezindaweni zasemakhaya ezazibizwa ngamaHomeland.