ZANELE MTHETHWA
UMNYANGO wezeMfundo KwaZulu-Natal uyahambisana nekhwelo elenziwe ngabafundi abafuna kusukunyelwe ukulwa nezidakamizwa esezibulale abanye.
Ngeledlule abafundi bagcwale umgwaqo KwaMashu bemashela ukuqwashisa umphakathi ngezidakamizwa nokuqubuka kwesibizwa ngeMercedes, esibulale abahlanu ngenyanga edlule.
Kule mashi ephele enkundleni iPrincess Magogo, bekukhona abaholi bomphakathi, abezenkolo, osaziwayo noNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Weziwe Thusi.
Abafundi banikeze ungqongqoshe incwadi yezikhalazo nezimfuno zabo, kwezinye zazo abebefuna kusheshiswe uphenyo ukuze kuboshwe abasolwa ngokudayisa izidakamizwa.
Ngenyanga edlule kwashona uSiyabonga Mngadi obefunda uGrade 10 eZeph Dhlomo High KwaMashu owadla iMercedes, okuyiwe nakhona ukuyoqwashisa.
Kule ncwadi ebhalwe yinhlangano yabafundi iCosas eyethulwe nguZama Khanyase onguMengameli kazwelonke, kunxenxwa uMnyango wezeMfundo, owezokuThuthukiswa koMphakathi nowokuPhepha koMphakathi ukuthi ungenelele odabeni lokusabalala kwezidakamizwa.
Abafundi bafuna iminyango ibe nezinhlelo zokuqwashisa ngezidakamizwa ezikoleni, kulekelelwe nangokuhlunyeleliswa esezibahaqile.
Bafuna nokuthi kususwe amathaveni aseduze nezikole, okungenye yezinto ezenza abafundi bacwile otshwaleni nasezidakamizweni.
UMnuz Muzi Mahlambi okhulumela uMnyango wezeMfundo uthe bayakweseka konke okushiwo ngabafundi futhi bazimisele ukulekelelana nabo.
“Siyajabula ukuthi abafundi sebeyayibona inkinga yezidakamizwa ngoba kuzoba lula nokubaqwashisa. Bekungeke kusize ukuthi senze izinhlelo zokulwa nazo kodwa abafundi bengayiboni inkinga yazo. Siyakujabulela nokuthi kube yibo abaqhamuka naleli khwelo ngoba batshelana kangcono uma bebodwa. Kusezinhlelweni zethu vele ukusebenzisana nayo yonke iminyango ukulwa nezidakamizwa,” kusho yena.
Uthe ngisho enkulumeni yesabelo-mali uNkk Peggy Nkonyeni onguNgqongqoshe woMnyango ukubalulile ukuthi banezinhlelo zokulwa nezidakamizwa. Mayelana neyamathaveni aseduze nezikole uthe lena yinkinga edinga ukusukunyelwa yizo zonke izinhlaka zomphakathi.
Uvumile ukuthi lokhu kuyayiphazamisa imfundo ngoba abafundi bayadoja bayophuza.
Uphawule ngomthetho osavivinywa wokuthi amathaveni abe kude ngo-500m ezikhungweni zomphakathi, okubalwa amasonto nezikole. UNkk Thusi uthe kwesinye isikhathi ngabazali abafaka izingane ezidakamizweni.
“Kumele sisize abazali ngokubahlomisa ngezindlela zokukhulisa izingane ukuze bakwazi ukuzivikela ekutheni zingene ezidakamizweni. Kuyakhathaza ukuthi ezinye zifunda kubazali ukuphuza ekhaya. Lokhu kuthumela umyalezo wokuthi utshwala buhle,” kusho yena.
Unxuse abafundi ukuthi bazame ezinye izindlela zokuzijabulisa ngaphandle kwezidakamizwa.
Selokhu kwavela isidakamizwa iMercedes kwasungulwa ithimba labaphenyi nezinhloli ukuphenya ngaso kodwa akukaboshwa muntu.
Amaphoyisa anxuse umphakathi ukuthi usize ubike abadayisa izidakamizwa ngoba abanye bayaziwa emphakathini.