FANELESIBONGE BENGU
BAZOPHUMA umkhankaso wokuhambela izindawo ezahlukene bazise abantu ngomcimbi wabo abahleli boGu Jazz Festival ezoba soGu Sports & Leisure Centre, ePort Shepstone, ngoJuni 25.
Lo mcimbi, Isolezwe elingabanye babaxhasi bawo, kuzobe kungoka-10 uba khona selokhu wasungulwa.
Umhleli wawo weCyassound Holdings, uSiya Msomi, uthe sebeqalile ukuhambela izindawo banxenxe abantu ukuthi bawuhambele futhi baphisane nangamathikithi.
“Emasontweni edlule sihambele eMthatha kanti kulawa azayo sizongenisa eThekwini, eMgungundlovu nakwezinye izindawo. Ngaphandle nje kokujabulisa abantu, Ugu Jazz inhloso yayo wukuheha abavakashi ukuze bezofike bashiye umnotho. Yingakho siphuma sihambela izindawo ezahlukene ukuze simeme abantu bakhona ukuthi bezohlanganyela nathi,” kusho uSiya.
Uthe ngeke bagcine kuphela ngokumema abantu bakulesi sifundazwe kodwa bakuzo zonke izinkalo. Uthe eGoli bajube umculi uSelaelo Selota ukuthi aqwashise abantu ngomcimbi wabo njengoba eyinxusa ngokubambisana nomlingisi uMelusi Yeni.
Abaculi abazonandisa kubalwa kubo uRingo, Selaelo Selota, Zahara, Nathi, Maleh, Naima Kay, Madala Kunene, Sipho “Hotstix” Mabuse, Zakes Bantwini, Mondli Ngcobo nabanye abaningi. Abaphathi bohlelo nguSelby, Mandla Mdletshe noMroza boKhozi FM.
Amathikithi aseqalile ukutholakala eComputicket ngemali esuka kuR280. Amasango avulwa ngo-10 ekuseni.