UMCULI we-Afro Soul uKelly Khumalo uthi umndeni wowayengunozinti weBafana Bafana ne-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa, awukhohlwe wukuthi uyoke uyibone ingane yawo.
UKelly ukhulume kanje izolo evela ohlelweni i Real Talk with Anele Mdoda lapho ethe abakwaMeyiwa ngeke bayibone indodakazi yakhe noSenzo, uThingo.
“Bangakhohlwa-ke labo ukuthi bayoke bayibone indodakazi yethu,” kusho uKelly.
Uthe into eyamcika ngomndeni wakwaMeyiwa wukuthi wamehlulela ngesikhathi eqhubeka nomsebenzi wakhe kungakapheli isikhathi esingakanani kudutshulwe kwashona uSenzo eVosloorus, eGoli ngo-Okthoba 26, 2014.
“Awukwazi ukuthi ukade ungangifuni esaphila uSenzo, ungangiboni njengomuntu othandana naye, bese ulindela ukuthi ngiziphathise okomfelokazi uma esedlulile emhlabeni,” kuqhuba uKelly.
Eqinisa ephuzwini lokungamvakishisi kwaMeyiwa uThingo, uKelly uthe umuntu onethuba elingcono lokubona umzukulu wakhe unina kaJub Jub (Molemo Maarohanye), uMama Jackie.
“UJackie ngeke alwe nami esidlangalaleni, uma kukhona into esixabanisile angangithinta sikhulume. Uyena muntu ongaba nethuba elingcono lokuthi abone umzukulu wakhe,” kusho lo mculi.
Ngaphambi kokuthi asho lokhu uKelly ukubeke kwacaca ukuthi indodana yakhe noJub Jub nayo ayisoze yalubeka kubo. Uthe wathatha leso sinqumo ehlukana noJub Jub ngaphambi kokuthi aboshwe.
“Uboshwa nje vele ngase ngizitshelile ukuthi angifuni lutho oluzongihlanganisa naye. Ngathinta ummeli wami ngaya nasemaphoyiseni ngafaka isicelo sokuvikelwa kuye ukuze angasondeli kimina.
"Uma ingane yethu isineminyaka engaphezulu kuka-18 ngeke ngiyinqabele uma ithi ifuna ukwazi uyise, ingakwenza lokho, hhayi ngemali yami kodwa,” kusho yena.
UJub Jub, owaboshwa ngo-2012 ngecala lokushayisa izingane ezine nomngani wakhe uThemba Tshabalala, kulindeleke ukuthi kuphele lo nyaka esephumile ejele njengoba kwagcina kubikwe ukuthi ucele ukuphuma ngenyanga ezayo. UKelly uphinde wathi i-albhamu yakhe esisemome, i My Truth izobe ineculo aliphe isihloko esithi Senzo njengendlela yokumkhumbula.
Ephawula ngokugqoza kophenyo ngecala likaMeyiwa uthe kungenzeka agcine ephoqelekile ukuthi akhulume esidlangalaleni ngokwenzeka njengoba kuthatha isikhathi ukuthi kuboshwe abasolwa.