LUNGI LANGA
BAPHASISA eyokugasela kwamaphoyisa ehostela laseMlazi eselidume ngokubulawa kwabantu iGlebelands.
Abahlali baseGlebe bathi bayakujabulela ukugasela kwamaphoyisa ezosesha izibhamu. Lokhu kungenxa yokubulawa kwabantu abalinganiselwa ku-62 kusukela kuqale uthuthuva ngo-2014.
Amaphoyisa aqinise umkhankaso wawo wokusesha iGlebelands emasontweni amabili adlule emuva kokuqubuka kabusha kokubulawa kwabantu.
Ngempelasonto, okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker, uthe bazimisele ngokuqinisa izinhlelo zabo zokusesha izibhamu ehostela laKwaMashu naseGlebelands ngenxa yezigameko zobugebengu osebudlule nemiphefumulo.
Emasontweni amabili adlule amaphoyisa aphinde atheleka ehostela kungalindele muntu ezovumbulula izibhamu ezingekho emthethweni kanye nokubamba abasolwa osekunesikhathi befunwa.
Omunye wabahlali, ocele ukuthi igama lakhe ligodlwe ngenxa yokuphepha, uthe kwenza umehluko uma amaphoyisa ezongagcini kuphela ngokuzulazula ngezimoto ehostela.
Uthe amalungu ophiko lweNational Intervention Unit (NIU) ajutshwe eGlebe enza kangcono ngokushiya ngisho izimoto ahambe ngezinyawo.
“Kokunye amaphoyisa lawa aseMlazi azula ngezimoto abadlule lokhu bekwenza abantu bangabi nalo uvalo.
“Kuba nomehluko uma amahoyisa ezofika angene ezindlini zabantu bengalindele. Ngisho nalabo abanezibhamu bahlala bethukile,” kusho umhlali.
Ukhale ngokuthi isimo ehostela bese singesihle okungangokuthi abantu bebehamba ngokukhululeka bephethe izibhamu.
Omunye umhlali naye ocele ukuba igama lakhe ligodlwe uthe abanankinga ngokungena kwamaphoyisa ezindlini futhi abakaboni lutho oluphambene nomthetho kwakwenzayo.
“Amaphoyisa sike sikhalaze sithi awawenzi umsebenzi wawo kodwa sihluleke ukusho uma esehambisa ngendlela.
“Okwamanje enza okufanele futhi abekho abantu esesike sezwa kuthiwa abahlukumezile uma engena ezitezi. Afuna lokho akufunayo nje,” kusho lo mhlali.
Kuleli hostela kusanda kubulawa ikhansela lakuward 66, uNksz Zodwa Sibiya, odutshulwe ngabantu abangabonwanga.
Kukholakala ukuthi sekufe abantu abayisikhombisa kusukela kuqale unyaka.
Emasontweni amathathu adlule abahlali basehostela babhalele inhlangano yezizwe i-United Nations Human Rights Commission (UNHRC) ngoba bethi sebephelelwe yithemba ngendlela uhulumeni osingathe ngayo udaba lokubulawa kwabantu eGlebelands.
Ngaphambilini leli hostela livakashelwe yihhovisi lomvikeli womphakathi, uAdv Thuli Madonsela. UMadonsela umatasa nophenyo ngokubulawa kwabantu kulona. Kulindeleke ukuthi ihhovisi lakhe lethule umbiko kungekudala.