FANELESIBONGE BENGU
LIZOTHELEKA ngeSonto ithimba lakwaMetro FM ukulungiselela imiklomelo yaminyaka yonke, amaMetro FM Music Awards (MMA) azoba se-ICC, eThekwini, ngoFebhuwari 27.
AmaMMA kuzoba ngaka-15 ekhona nonyaka kanti kuzoba ngokwesine eseThekwini iminyaka ilandelana.
UChristinah Mazibuko, oyiMenenja yezokuMaketha eMetro FM, uthe kusukela ngesonto elizayo izinhlelo eziningi bazobe bezisakaza bukhoma ezindaweni ezahlukene kuleli dolobha.
UChristinah uveze ukuthi amathikithi asengaqala ukudayisa noma yinini.
“Sizomemezela emoyeni uma eseqalile ukudayisa. Khumbula ukuthi sidayisa ayisibalo esithize ngakho sifuna abantu bahlale belindile ukuze kuzoba nesasasa.
Ngeke ngisho nokuthi azoba yimalini kodwa bazozwa emoyeni nasezinkundleni zokuxhumana,” kusho uChristinah. Ukuvota kwaqala ngoJanuwari 15.
Njengamanje umunxa osavotelwa ngokushaya inombolo ethi *120*602# ngoweSong of the Year.
Abaculi abancintisanayo nguBlack Coffee ( We Dance Again), Nathi ( Nomvula), DJ Sphectacula & DJ Naves ( Kings Of The Weekend Anthem), DBN Nyts ( Shumaya), Heavy K ( Umoya), DJ Ganyani ( Talk To Me), Prince Kaybee ( Wajelwa), Ricky Rick ( Boss Zonke), DJ Shimza ( Akulalwa) noPrince Kaybee ( Better Days).` Ukuvota kuzovalwa ngo-9.30 ngosuku lomcimbi.