NJENGOBA sekubalwa izinsuku ngaphambi kokhetho, inyunyana yothisha iNatu ithi amalungu ayo awavotele noma iyiphi inhlangano ayithandayo ngoba umsebenzi wayo wukulwela othisha.
Umengameli wale nyunyana, uMnuz Siphosethu Ngcobo, uthe ngisho izimoto zale nyunyana azinaso ngisho esisodwa i-sticker seqembu lezepolitiki.
“Umsebenzi wethu wukulwela amalungu ethu okungothisha, asinendaba ukuthi nivotela bani, nini kuphi. Thina nje sikhathalele ukuthi sinilwele njengasebenzi sibhekane nezinkinga enihlangabezana nazo ezikoleni,” kusho uNgcobo.
Ukusho lokhu izolo ekhuluma engqungqutheleni yale nyunyana eMfolozi TVET College eSikhaleni.
Unxuse othisha ukuthi baphume ngobuningi ukuyovota ngesonto elizayo.
Ukusho lokhu nje ezinye izinyunyana zothisha ziphumele obala njengoba kuvotwa zikhankasa isidana zikhankasela amaqembu ahlukene.
ISadtu kulesi sifundazwe inezimoto ezisebenzisayo ezinemibhalo eseka i-ANC njengoba kuyiwa okhethweni ngesonto elizayo.
Lezi zimoto kukhankaswa ngazo isifundazwe ukuze i-ANC idle umhlanganiso.
UNgcobo uthe kunesiphakamiso othisha okumele banqume ukuthi bayasamukela yini sokuthi kufundiswe ngezilimi zesintu ezikoleni.
“Kumele njengoba kuyinina enifundisayo nibhunge ngalesi siphakamiso sokuthi kufundiswe ngezilimi zesintu ezikoleni. Isiphakamiso esiza nomnyango lesi sokuthi kumele zibuyele emasisweni,” kusho uNgcobo.
Uthe amalungu eNatu kumele azigqaje ngenyunyana njengoba ngo-2018 izobe igubha iminyaka engu-100 yabunjwa.
“Asifani nezinye izinyunyana ngoba sibadala ngeminyaka. Ezinye zineminyaka embalwa zikhona yingakho kumele sizigqaje ngokuthi le nyunyana izogubha iminyaka engu-100 ikhona. Ayikho enye inyunyana eneminyaka emingaka yaba khona kuleli.”
Uthe le nyunyana isike yaholwa abaholi abahlonishwayo ezweni okubalwa uSolwazi Zachariah Matthews othathwa njengobaba kasomqulu wamalungelo iFreedom Charter.
“ IFreedom Charter ifana neyethu ngoba umengameli weNatu nguyena owayidweba okusho ukuthi sinomlando ojulile. Baningi nabanye omengameli asebehole le nyunyana abahlonishwayo ezweni ngamagalelo abo.”