LUNGI LANGA
UNGQONGQOSHE womnyango wokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Weziwe Thusi, uthi ukungaphenywa ngendlela kwamacala okuhlukunyezwa kwabantu ngenxa yobulili kwenza bangaphumeli obala bawabike.
Ukusho lokhu enkulumeni yakhe ngesikhathi kuvulwa ngokusemthethweni ingqungquthela ebhunga ngokuhlukunyezwa kwabantu ngenxa yobulili ebisehhotela iKarridene, eMgababa.
“Abahlukumezayo bagcina bengaboshwanga ngoba amacala engaphenywanga kwashushiswa.
“Lokhu kuholela ekutheni izisulu zicabange kaningi ngokubika izigameko,” kusho uNkk Thusi.
Utshele abebehambele le ngqungquthela okulindeleke ukuthi ivalwe kusasa ukuthi okunye okudala inkinga ukungabi bikho kwezibalo ezithembekile eziveza izigameko zobugebengu obenziwa kwabesifazane nezingane.
Uthe izibalo ezikhuluma ngobugebengu azicacisi ngezigameko zobugebengu obenziwa kwabesifazane nezingane.
Ngokwezibalo zamaphoyisa akuleli ziveza ukuthi kudlwengulwa owesifazane njalo emuva kwemizuzwana engamashumi amabili nesithupha. Oyedwa kwabesifazane ababili kungenzeka adlwengulwe.
Kanti futhi oyedwa kwabesifazane abane uhlukunyezwa ngothandana naye.
UNkk Thusi uthe lezi zigameko azihlanganisi lezo ezigcina ngokufihlwa yimindeni.
“Ezinye azibe zisabikwa noma zigcina ngokuthi kuxoxisane umndeni nabahlukumezi,” kusho uNkk Thusi.
Usole nezidakamizwa notshwala ngokuba nesandla ekudlangeni kwezigameko zokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.
Ucwaningo lwe-KMG luveze ukuthi ukuhlukumeza ngokobulili kubiza iNingizimu Afrika u-R28.4 billion kuya ku-R42.2 billion ngonyaka.
Ucwaningo luveza ukuthi izisulu kuzibiza u-R25.5 billion ngonyaka.
Kubabiza u-R6 500 umuntu ngamunye. Lokhu kuhlanganisa imali yokugibela, imali yokufona, ukungaholi ngenxa yokuphazamiseka emsebenzini, ukulahlekelwa yimali ngenxa yokushona.