KHULEKANI MASEKO
amagobolondo amathathu atholakala eduze kwesidumbu sikaNksz Nomathamsanqa Mntungwa adutshulwa yisibhamu esisodwa.
Lobu wubufakazi obuthulwe eNkantolo eNkulu eThekwini yilowo owahlola amagobolondo atholakala eduze nesidumbu, uWarrant Officer Singh.
Umnuz Nathi Nyamazane ubekwe icala lokuthi wabulala unina wengane yakhe uNomathamsanqa Mntungwa.
Inkantolo ibigcwele abantu abebegqoke izikibha ze-ANC ezinesithombe sikaNksz Mntungwa.
Ethula ubufakazi, u-Warrant Officer Nonduduzo Mbeje, osophikweni lwamaphoyisa olucwaninga ngezibhamu, uchazele inkantolo indlela ahlola ngayo isibhamu okusolwa ukuthi yisona esadubula sabulala umufi.
Uthe inhloso yokucwaninga isibhamu kwabe kungukusihlola ukuthi siyasebenza yini. Wathola ukuthi isibhamu esasikade sithunyelwe kuyena sasisebenza kahle.
Owahlola amagobolondo atholakala eduze nesidumbu sikaNksz Mntungwa, uWarrant Officer Singh, ukuqinisekisile ukuthi amagobolondo amathathu ngokokuhlola kwakhe aphuma esibhamini esisodwa. Uthe lokhu kwaba wumsebenzi olula kakhulu njengoba bekumele aqhathanise omaka bamagobolondo. Kodwa uthe ngeke akuqinisekisa ukuthi inhlamvu eyabe isidubulile neyayithunyelwe kuye ukuthi ayihlole ngabe nayo yaphuma esibhamini esisodwa ngoba yayiyinye engeke ayiqhathanise nalutho.
“Angikaze ngisibone ngamehlo isibhamu, kodwa ngabona amagobolondo nenhlavu eyayisidubulile. Umsebenzi wami kwabe kunguhlola amagobolondo nenhlamvu, hhayi isibhamu,” kusho uWarrant Officer Singh.
UConstable Vivian Naidoo, ongumthwebuli emaphoyiseni, uvezele inkantolo ukuthi efika endaweni yesigameko kwabe sekukhona amaphoyisa ayesevele esefikile.
Uthe wabona isidumbu sowesifazane silele eceleni kukhona amagobolondo ezinhlamvu zesibhamu kanye nenhlamvu eyabe isidubulile. Wathwebula amagobolondo wamaka nalapho ebekhona. Wawathatha ukuba ayohlolwa ngoMashi 2014.
Kube sekungena ebhokisini lofakazi umngani kammangalelwa, uMnuz Sanele Dlamini. Utshele inkantolo ukuthi wafonelwa wumngani wakhe ngosuku okwanyamalala ngalo uNksz Mntungwa wamcela ukuthi amlandele imoto yakhe ayembekele yona kubo. Esendleleni ebheke emzini kammangalelwa wahlangana naye esevenini yamaphoyisa, wabe esemnika ikhadi lomfundi wase-UNISA nomazisi okwabe kungokukamufi kanye nesikhwama semali nesikhiye semoto yakhe ummangalelwa. Wabe eseyalelwa wumngane wakhe ukuthi umazisi nekhadi lomfundi kukamufi akufake ethoyilethi.
Ummeli wommangalelwa, u-Advocate Sachin Govender, uthe ummangelelwa uyakuphika ukuthi wanika uMnuz Dlamini umazisi kanye nekhadi lomfundi kukamufi. “Ukufika ezandleni zikafakazi kwezimpahla zikamufi kwenza ukuthi asoleke ufakazi ukuthi unolwazi ngokunyamalala kukamufi,” kusho uGovender.
Ufakazi wokugcina kube umngani kaMntungwa, uNksz Nonhlanhla Ngcobo. Icala lisaqhubeka.