MLUNGISI GUMEDE
ABALA ukhasha amaphoyisa izolo eNkantolo eNkulu yaseThekwini lapho kuqulwa khona icala lombango wobuholi baseBuhleni exosha kwani eyilungu lebandla elingenalo ithikithi lokungena ngaphakathi.
Amaphoyisa aseqinise isandla ngenxa yokubheduka kodlame phakathi kwamalungu aseBuhleni asehlukene kabili sekukhona nalawo azinze eThembezinhle aholwa nguMnuz Vela Shembe.
Besekujwayelekile ukuthi uma ehlangene kube nokuzwana amandla emagcekeni enkantolo.
Ngaphambi kokuba icala liguqe iJaji u-Achmat Jappie laxwayisa amalungu ngokulwa uma eze enkantolo.
Esehlakalweni esisha amalungu ajahana emigwaqweni yeTheku kwaphazamiseka amabhizinisi nabantu abasuke bezizele edolobheni.
AbaseThembezinhle banquma ukuthi bahoxe ukuza enkantolo ngaphambi kokuba liguqe icala, ukugwema ukuthi kungabi khona ukubhekana ngeziqu zamehlo nabaseBuhleni.
Umyalelo wokuthi amalungu ebandla angabe esasondela emagcekeni enkantolo kuthiwa ukhishwe uKhomishana wamaphoyisa, uGeneral Mmamonnye Ngobeni. Kodwa izolo okhulumela amaphoyisa esifundazweni uMajor Thulani Zwane akazange akwazi ukukuqinisekisa lokho wathi uzokwazi ukukuqinisekisa namhlanje.
Izolo amaphoyisa awaxoshile amalungu abemi ngaphandle kwenkantolo awatshela ukuthi awasavumelekile.
Emgwaqweni uMargaret Mncadi (Victoria Embankment) ibikhona imithonseyana yamalungu ehlezi iba khona ilinde labo abebengaphakathi enkantolo ukuba bazobabikela ukuthi bekwenzekani.
Izolo bekusaqhubeka inkosi yakwaQwabe, uMakhosini Qwabe, nokwethula ubufakazi ihlohlwa imibuzo wummeli womholi waseThembezinhle, uVela “Misebeyalanga” Shembe, u-Advocate Archie Findlay SC. ubuze uQwabe ukuthi yisiphi isizathu esabenza ukuba bavakashele inkosi eseyakhothama, uVimbeni “Thingo” Shembe benenkosi yamaQadi, uMqoqi Ngcobo.
UQwabe uthe babona inkosi ingekho entabeni eNhlangakazi bakhathazeka base beyoyibheka. Bathi uma befika eBuhleni inkosi (uThingo) bayifica ilele kusofa yase itshela uNgcobo ukuthi oyisemkhulu sebeyayizungeza isiyabona ukuthi seyizokhothama noma yinini. “Yathi singakhathazeki ngoba ukhona uMD Shembe uzoqhubeka nomsebenzi,” usho kanje.
UFindlay uthe uThingo lwaligagula yini igama noma lasho izinhlamvu ezimele amagama omuntu olwabe lumusho, uQwabe uthe lwaligugula kodwa yena wathi uthathe isinqumo sokuthi asebenzise izinhlamvu uMD ngoba esindwa wukulibiza igama.
UFindlay uphinde wabuza ukuthi wamuzwa yini uNgcobo ngesikhathi kutshalwa uThingo ethi yena njengeNkosi yamaQadi unelungelo lokubeka inkosi yamaNazaretha (eBuhleni) njengoyise ongasekho, uMzonjani, naye owenza ebeka inkosi eseyakhothama iNyangayezulu. Uthe wamuzwa. Kuthiwa uMzonjani wayalela Inyangayezulu ukuthi ithathe ubhoko ihole abantu.
UFindlay uphinde wabuza uQwabe ukuthi wayenakho yini ukuqonda ukuthi uNgcobo uzokwenza isimemezelo ngesikhathi kutshalwa inkosi ngokuthi ngubani okumele ahole ibandla, wathi wayengalindele. Icala liyaqhubeka.