MLUNGISI GUMEDE
K USUKE uthuli lwezichwe eCape Town izolo ngesikhathi amaphoyisa engqubuzana namalungu e-EFF nawenhlangano i-Ses’khona People’s Rights Movement abebhikisha efuna ukuya ePhalamende lapho uMengameli uJacob Zuma kade ethula khona inkulumo yesizwe.
Amaphoyisa aphoqelekile ukuthi asebenzise ibhomu lokuthusa ukuhlakaza amalungu alezi zinhlangano zombili.
Ngabo-6 ntambama, amalungu e-EFF angamalungu ePhalamende abeseqalile ukucula ngaphakathi ePhalamende ngaphambi kokuthi uZuma ethule inkulumo yakhe.
Bekuvele kulindeleke ukuthi kungaba khona ukuphazamiseka okukhona enkulumeni kaZuma njengoba kukhona abantu emphakathini namaqembu aphikisayo abafuna umengameli ashenxe esikhundleni.
Amaphoyisa ajikijelwe ngamatshe nangamabhodlela ngababhikishi abegoloza ngesikhathi ebatshela ukuthi abahambe.
Idolobha laseCape Town ekuqaleni kwesonto likhiphe izimvumo ezintathu lazinika labo abebefuna ukubhikisha ngesikhathi uZuma ethula inkulumo yakhe.
Phakathi kwalabo abanikwe imvumo iSes’khona obekumele ihlanganele eKeizergracht. Kunemibiko ethi i-EFF ibibhikisha ngaphandle kwemvumo.
Kodwa ngabo-3 ntambama amalungu ale nhlangano aphule umyalelo womkhandlu aya ngasezindlini zombuso lapho efike atholana phezulu namaphoyisa.
Elinye iphoyisa ebelisendaweni yesigameko lizwakele lithi: “Namhlanje aniyi ePhalamende.”
Ngabo-5 ntambama kube khona ukungqubuzana phakathi kwamalungu e-EFF nawe-Ses’skhona. Akucaci ukuthi yini edale ukungqubuzana.
Okhulumela iPhalamende uMnuz Luzuko Jacobs ucashunwe ohlelweni lakwa-SABC i- Morning Live ethi ithimba lezokuphepha lizobe lala ukhasha ukwenza isiqiniseko sokuthi inkulumo kamengameli ayiphazamiseki.
Uthe ngeke baze bavume ukuthi kwenzeke isigameko sangonyaka odlule lapho kwabakhona ukuphazamiseka kwenkulumo kamengameli.
Amalungu e-EFF aphinde ahilizasana namaphoyisa, okuze kwaphoqeleka ukuthi asebenzise isiqhumane esihlakaza isixuku ngenhloso yokuhlakaza ezikaMnuz Julias Malema ebesezikanise ngaphandle kwezindlu zombuso.