FANELESIBONGE BENGU
I ZIGEBENGU seziphoqe umculi we-kwaito ongaconsi phansi kuleli uProfessor ukuba athuthe umndeni wakhe eMlazi kulandela ukugqekezelwa izikhawu zilandelana.
Lokhu kulandela ukungena kwamadoda abehlomile emzini wakhe okwa-Z emaFeyzini entathakusa ngoLwesithathu ahlukumeza umndeni walesi sihlabani, ashaqa nempahla kanokusho yasendlini.
Phakathi kwempahla ethathiwe kubalwa amaselula, ubhazabhaza wethelevishini, iPlaystation nezinye.
Okwenza uProfessor asuse umndeni okwamanje kuleli lokishi ngukuthi ngo-Agasti nyakenye kwagqekezwa kwebiwa impahla yasendlini kuwo lo muzi. Ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kwalokho kwakugqekezwe kubo eZinqoleni nakhona kwebiwa impahla.
“Asihlali elokishini ngoba singenawo amandla okuthi siye ezindaweni ezingcono kodwa sihlala khona ngoba silithanda futhi sithanda nokuhlala nabantu. Kodwa manje sengathi umuntu uzophoqeleka ukuthi athuthe, lokhu okuzokwenza ukuthi ilokishi ligcine lingenabo abantu abadumile noma abantu intsha engabukela kubo ngoba abahlaliswa kahle ngenxa yobugebengu,” kusho uProfessor ngomoya ophansi, kuzwakala ukuthi uhlukumezekile.
Uqhube wathi umndeni wakhe usewuthuthile kwaZ washiya abantu abazogada umuzi ngenxa yokwesaba ukwenzakaliswa.
“Mina angikho ngiseGoli ngenxa yokuxinwa wumsebenzi. Kumanje ngimatasa estudio ngenza umculo omusha. Akukho ukuphumula. Asazi noma basiqondile yini ngoba bengena kulandelana kodwa njengoba sebefika bephethe izibhamu, kwazi bani, kungaze kufe umuntu.”
Okhulumela amaphoyisa uMajor Thulani Zwane uthe owayesendlini wezwa umsindo ngaphandle ngesikhathi ebuka ithelevishini. “Wavula umnyango ukuhlola ukuthi kwenzakalani wabe esevinjwa ngabasolwa abathathu ngesibhamu. Bafuna amaselula, iTV nePlayStation ngaphambi kokubaleka. Kuvulwe icala esiteshini samaphoyisa eBhekithemba kanti bekungakaboshwa muntu futhi nezimpahla bezingakatholakali,” kusho uZwane.