INTATHELI YESOLEZWE
U MA ungakayihleleli ibhonasi yakho, udonswa ngendlebe ukuba ungayibhubhudli kwazise kumele ube nemali kuze kube nguJanuwari.
Kuhle ukubeka eceleni imali yezikweleti zakho ozikhokhela ngama-debit order, eyegilosa nokunye ozokudinga ngonyaka ozayo kwazise kusasele amasonto amahlanu ukuba uthole umholo olandelayo.
UNkk Boitumelo Mothoagae, wakwa-Liberty, uxwayise abantu ukuba bathenge izinto ezinesidingo, hhayi izinto abazihalelayo noma abangaphila ngaphandle kwazo.
“Ngamaholidi abantu banomkhuba wokukhithiza ngisho impahla engenasidingo. Kumele bakugweme lokho, izidingo ngamabhondi ezindlu, irenti, uphethroli uma unemoto, igilosa, umshwalense, imali oyilondolozayo nokunye okuhlale kudonswa ebhange unyaka wonke. Okungenasidingo yizipho, imali yamaphathi neyokungcebeleka,” kusho uNkk Mothoagae.
Uma ifika imali uNkk Mothoagae, utshele abantu ukuba bayihlukanise ngokwezidingo, babeke nenye yezinhlekelele ezingalindelwe njengokuqhuma kwama-geyser nezinye izehlakalo zempilo ezivele zenzeke ungalindele.
Labo abathole amasenti athe xaxa kungakuhle ukuthi bawasebenzisele ukukhokha izikweletu zabo, bathenge umfaniswano wesikole nezincwadi zezingane noma bawavalele kwenye i-akhawunti abangeke bayisebenzise ngesikhathi samaholidi.
“Ukukhokhela izikweletu ngaphambi kwesikhathi kuyakusiza ukuthi wonge imali ngisho inzalo ayibi nkulu uma usheshe waqeda. Uma ukwazi khokhela umshwalense wonyaka ozayo ngemali yebhonasi ukuze uzothola ukuphefumula ngoJanuwari,” kusho uNkk Mothoagae.
Okumosha imali ngamaholidi ngamaphathi angahleliwe, yizipho ezibizayo abantu mabazigweme. UNkk Mothoagae uthe abantu abamenywa emaphathini basebenzisa uphethiloli othe xaxa, bathenge izingubo ezintsha, ukudla, utshwala okungaholela ekumoshweni kwemali.
Ucebise abantu ukuthi uma benza amaphathi kuhle bacele izihambeli zabo ukuthi ziphathe okuthile kanti uma bemenyiwe kumele beze nenyama, basize abantu ababamemile ngokulungiselela umcimbi.
Mayelana nezipho uthe akubalulekile ukuthi umuntu aze ayothenga isipho esitolo kodwa angakwazi ukuzenzela ekhaya onge nemali.
Igilosa abantu kumele bayithenge ezitolo ezingafani, baqhathanise amanani. Amanye amasu angakusiza ukonga imali yilawa:
n Ungathengeli wonke umuntu isipho kungcono ungafaka amagama esigqokweni nitomule ukuze umndeni nabangani bathengelane.
n Thenga ukudla okungaboli uma kuqala indali ukuze kuzosebenza nangoKhisimusi.
n Asikho isidingo sokuthenga amaphepha okugoqa izipho, ungasebenzisa iphephandaba elidala noma uzenzele okwakho kokugoqa isipho.
n Ungasika amakhadi amadala kaKhisimusi ukwenza izipho.
n Ungathengi izinto zokuhlobisa isihlahla zenzele ezakho.
n Qalani isitokofela nabangani, owonge imali eningi athole isipho lokhu kuyasiza ukuthi ubeke imali eyanele ezokusiza ngomuso.
n Kuhle ukwenza i-braai esikhundleni sokuzikhipha futhi ungonga nogesi ngokubasa amalahle.
n Shiya amakhadi asebhange ekhaya uma uyothenga kungcono usebenzise ukheshi ngoba imali oyiphethe yiyona kuphela engakusiza ukuphuma nempahla esitolo. Uma usuyiqedile ayikho enye kumele uye ekhaya.