MINENHLE MKHIZE noZAKHELE XABA
I NGWAZI yomgadli uSiyabonga “Bhele” Nomvete ayizimisele ngokujaha umklomelo womdlali oshaye amagoli amaningi kuNational First Division (NFD) kwazise inhloso yayo wukubona iqembu ligijima ku-Absa Premiership ngesizini ezayo.
UBhele (38) uvutha engabaselwe phambi kwamapali kulezi zinsuku. Usehlohle amagoli amahlanu selokhu ejoyine Usuthu ngenyanga edlule.
Ngempelasonto ugile izimanga ehlohla amagoli amathathu ngesikhathi ezakhe zisakaza i-FC Cape Town ngempama yamagoli (5-0) emdlalweni weNFD ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, eThekwini.
UBhele, obedlala kuSwallows ngomzuliswano wokuqala, useshaye amagoli kuyona yonke imidlalo asayidlale oSuthwini. Ubingelele ngegoli emdlalweni wakhe wokuqala AmaZulu elobola iVasco Da Gama ngo 4-1 eMagogo kwathi ngeledlule wabasela enethini elilodwa bebhambabula iSwallows ngo 2-1 eDobsonville Stadium, eSoweto, eGoli.
Njengamanje uBhele usehlohle amagoli ayisishiyagalombili emidlalweni engu-17 yeNFD kule sizini ka-2015/2016. Usele ngamagoli ayisithupha kuThabiso Kutumela weBaroka FC.
“Amajita engisebenza nawo akhombisa okukhulu ukukhuthala futhi ayazi ukuthi afunani. Wonke la magoli engiwashayile kungenxa yamajita. Ngaphandle kwawo bengingeke ngiphumelele ukuwashaya. Umsebenzi wami wukuthi ngisebenze kanzima ekutheni iqembu lithole imiphumela emihle okunye okwenzekayo kuzolandela ngemuva. Okumqoka wukuqoqa amaphuzu amathathu umdlalo nomdlalo esiwudlalayo,” kusho uBhele.
Ngempelasonto uBhele ubenethuba lokushaya amagoli amane ngesikhathi Usuthu luthola iphenathi evalelwe enethini nguMarc van Heerden ngesiwombe sesibili. Ebuzwa uBhele ukuthi kungani engayithathanga iphenathi uthe: “Mina angisiyena umuntu obangayo. Uma umuntu eke wathi ucela ukuyithatha iphenathi ngiyamnika ithuba lokuthi ayikhahlele. Iqembu yilona eliza phambili kimina.”
UNomvete kubhekwe ukuthi aqhubeke nefomu enhle phambi kwamapali uma Usuthu selubhekene noMthatha Bucks emdlalweni weNFD ngeSonto ngo-3.30 ntambama eMthatha Stadium, eMthatha, e-Eastern Cape.
Khonamanjalo ukhethe ukusula obengumqeqeshi weThanda Royal Zulu uDavid “Major” Bright ngenxa yokuphikwa yimiphumela. Indawo yakhe izovalwa ngu-Asanda Mvalo okwesikhashana.
Umphumela wayizolo: Milano United AFC 3-1 Thanda Royal Zulu FC
Imidlalo yeNFD:
Kusasa: Cape Town All Stars v Santos (Athlone Stadium, 3.30pm)
NgoMgqibelo ngo-3.30 ntambama: Black Leopards v Baroka FC (Thohoyandou Stadium); FC Cape Town v Vasco Da Gama (NNK Rugby Stadium); African Warriors v Witbank Spurs (Charles Mopeli Stadium); Royal Eagles v Moroka Swallows (King Zwelithini Stadium); Highlands Park v Mbombela United (Makhulong Stadium)
NgeSonto: Mthatha Bucks v AmaZulu (Mthatha Stadium)