UMSAKAZI weGagasi FM uLerato Sokhulu uthi ukuba nekhono neziqu zokulingisa kumenza angabi nasinqe ngazo zonke izikhathi uma engekho emsakazweni.
ULerato, ofike kwiGagasi FM nyakenye, ushayela uhlelo lwasekuseni, i Lerato Sokhulu on The Fresh Start, oluqala phakathi nesonto ngo-4 kuya ku-6 ekuseni. Engxoxweni ne Solezwe uthe ungene emsakazweni esanda kuphothula iziqu zokulingisa nokuphrojusa kwenye yezikhungo zobuciko ezihlonishwayo, i-AFDA, eCape Town.
“Ngo-2012 ngangihlezi ngingenamsebenzi, ngezwa kuthiwa kunenhlolokhono yeMbokodo FM, ngahambisa izinto zami nokuyilapho engaqala khona ukusebenza, basebengibizela ukubamba umsebenzi wemenenja yezinhlelo,” kusho uLerato oqede uGrade 12 ePinetown Girls High ngo-2006.
Uthe waqeda cishe unyaka kulesi siteshi ecijwa yimenenja yesiteshi, uSandile Ngema.
Emva kokuvalwa kweGagasithi FM ngo-2013 wadlulela emsebenzini wokuba yi-Marketing Manager eJust Vision Events lapho lapho athi esekhona kwavuleleka umnyango wokungena kwiGagasi FM. Uthe kweminye yemicimbi ayeyihlelile kwakuqashwe umsakazi wakhona, uMzokoloko, ukuthi azophatha uhlelo.
“Wangizwa ngikhuluma wathi nginezwi elimnandi ngakho kumele ngithumele idemo kwiGagasi ngizwe ukuthi bangathini ngalo,” kusho uLerato.
Uthe walandela umyalelo kaMzokoloko, nebala bambiza wabe eseya kunhlololwazi athe yahlala cishe amahora amabili nabaphathi bemhlaba ngemibuzo.
“Angikaze ngibe nehlololwazi ende kanjeya empilweni yami kodwa ngibonga ukuthi konke kwahamba kahle. Ngaqala ukusebenza ngoNovemba nyakenye,” kusho uLerato.
Uthe selokhu eqalile ukusebenza kwiGagasi uba matasa njalo elingisa emidlalweni yeshashalazi, ehaya izinkondlo, eqopha amafilimu, nokunye uma engekho emsakazweni.
Uthe uvele okokuqala kuthelevishini nyakenye efilimini eyayikhonjiswa kwi- Ekasi Our Stories ku-e.tv. Usanda kuphothula ukuqopha umqaphamlando obizwa nge-F is for Father. Njengoba kuyinyanga yabesifazane uLerato uthe inhliziyo yakhe isebuhlungu ngezinto abantu besifazane abadlula kuzo nanamhlanje okumele ngabe azisenzeki. Elandisa ngesigameko abhekane naso kuleli sonto uthe kunowesilisa omchaphe ngenhlamba ngoba enqabe ukukhuluma naye kuFacebook.
“Abantu besifazane basathwele kanzima, uma kusenzeka izinto ezifana nalezi.
Ngeke silingane noma siphathwe ngendlela efanayo njengabantu besilisa uma bona uqobo besahluleka ukuzwelana nathi ezinkingeni esibhekene nazo ukuze sithole izisombululo ndawonye.
“Akukwazi ukuthi kungaba khona intombazane ena-23 esashaywa umuntu wesilisa nanamhlanje. Lokho ngabe akwenzeki ukube sibambisene nabantu besilisa ukukhulisa intsha yabantu besilisa abazokwazi ukuphatha kahle abesifazane,” usho kanje.
Ngaphandle kokusakaza nokulingisa, uLerato onengane yentombazane eneminyaka emibili, uthe njengembongi uyazifela ngokufunda futhi maduze uzoqala ukufunda incwadi kaLerato Shabalala esuse umsindo ngenyanga edlule, i The Way I See It.
Uthe akakho mandla kakhulu uma kuziwa ngasebhodweni kodwa iLasagna uyayishaya futhi uma kufika isivakashi esiqavile upheka yona. Kwezomculo uthe uzifela ngeJazz, Hip Hop neNeo Soul.
“Ngizithanda zonke izinhlobo zomculo kodwa lezi ezintathu zingigeza igilo. Kumele kube wumculo engiwuzwa ukhuluma kimina,” kuphetha uLerato.