I SIZINI ye-Absa Premiership iqale ngegiya elingajwayelekile elihambisana nemibono eshayisanayo ngebhola lakuleli – noma angithi ngabadlali abathile.
Ngandlela thize udaba lwebhola elinomjiko selubuye lwaba ngundabamlonyeni. Alulusha, kuvuke nje inyama ogqokweni ngoba sekukhona abakuqondayo ukuthi ukuveza umbono ohlukile ngeke kwabafaka esikiti. Sekukhona asebembulelwe iqiniso ngokuthi yini enye yezimbangela zokucwila komkhumbi ngebhola lakithi yize imali isikhiwa ngamahalavu emaqenjini.
Noma ngingenaso isiqiniseko sokuthi lokhu kuxokozela ngomjiko odansisa izitha kuqalephi kodwa ngiqaphelile ukuthi indaba ibe mandla ngesikhathi umdlali wasesiswini uSifiso Myeni ( osesithombeni) egenda futhi etayela ngebhola emdlalweni weCaf Confederation Cup phakathi kwe-Orlando Pirates ne-Club Sportif Sfaxien yase-Tunisia.
Kusuke uthuthuva ngesikhathi abadlali baleli qembu laseTunisia bethi abamudle nezibi benengwa wukuthi kungani ebukisa kudlalwa. Ongqeqe abasuke bebekelwe ukuba bahlaziye umdlalo bajobelela ngemibono, iningi labo bebabaza ukugcwaneka kukaMyeni. Empeleni ngesikhathi ngibuka lesi sigameko mina ngikitazekile njengeningi labalandeli beZimnyama abebesenkundleni bechwaza.
Bakhwele badilika-ke abayizifundiswa esezambathiswa imfundisoze bethi uma umdlali engenzi njengabathile, kusho ukuthi akanasikole. Igama elisetshenziswayo lesiNgisi lalokhu kutayela nomjiko ebholeni lithi “showboating”. Ngeke ngathi nginolwazi olujule kangakanani lolimi lwesiNgisi kodwa engalucosha lwanele ukuthi ngikwazi ukucela izinkobe zokuphila, okuyisizathu iningi lethu libhidilisha isiNgisi noma sisiphika. Ngokuqonda kwami igama elithi showboating lisetshenziswa nxashana kubukelwa phansi okwenziwa wumuntu. Lesi senzo sigilwa umuntu ongunontandakubukwa. Kuthiwa futhi uyakhomikha. Kwezinye izigigaba lo mkhuba wokukhomikha wenziwa yiziyingayinga ezingenayo into ezingayenza. Le ncanzelo inginika isithombe esithi labo abathi abadlali abanomjiko ebholeni njengoMyeni benza lokhu empeleni bembathisa inhlamba enenzondo.
Ngisho indoda engiyethemba njengonondweba uSylvester Ndaba yehlulekile ukusho ukuthi cha ayilithandi ibhola lomjiko, yaqanganisa nangokuthi yona umdlali owenza nje ingamnika ikhadi eliphuzi. Angiqondanga-ke ukuthi ngaphansi kwamuphi umthetho njengoba uNdaba kuyindoda yemithetho.
Ngimangele sekuphahluka nomqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, eveza ukunganambithisisi kwakhe umjiko kaMasibusane Zongo wePlatinum Stars ewubiza ngomdlalo ongenambuyiselo. Lena yinkilayitheka yokuphawula okuvela kumqeqeshi oqembu lakhe lehlulwe yinqwaba yamagoli. Kungcono kwa-Platinum leyo edlale ngokulingana kodwa ibinomdlali ojabulise abalandeli.
Intatheli yezemidlalo uSibongiseni Gumbi ilubeka kahle lolu daba kuFacebook uma ithi: “Saqala ukulahlekelwa abalandeli (ezinkundleni) mhla silibala ukuthi ibhola umdlalo wokuthokozisa abantu”. USomkhanda amadoda akaNomo, uvala umbhalo wakhe ngokuthi jwaphu nje, hhayi ngoba ehlose uthuthuva. Owami umbono uthi uyihlabe esikhonkosini.
Incithabuchopho kwezebhola engiyithatha njengomunye wososayensi osecwaninge kanzulu ngonobhutshuzwayo eNingizimu Afrika, uZipho Dlangalala, yena akalumi ephephetha nxa ejula ngale ndaba. Lokhu kuthukwa kwebhola elehlukile elishiya izitha zingolamthuthu enkundleni ukubiza ngesifo esaziwa nge-AFS, ngokugcwele i-Apartheid Football Syndrome. UNyamenja unameka isithombe esicace bha ngokuthi empeleni usiko lwama-Afrika luyinqabakutholwa ngoba kukho konke esikwenzayo siyasampula, sifake izithoyiso. Ibhola silithatha njengomdlalo wokufika kwelengabadi kodwa kwaba nombono wokuthi lo mdlalo awuthakwe ngomjiko ukuze kujabule abawubukayo. Kodwa abasunguli, ngokwenyanya indlu emnyama, bayichitha le ndlela ngoba ingahambisani nabo futhi ibehlula, usho kanje lo mqeqeshi owaziwa ngemibono ejulile ebholeni.
UDlangalala uthi-ke yisifo i-AFS wukugxeka nokuphikisa indlela abadlali bomdabu kuleli abazizwa bekhululekile ngayo uma bedlala. Enaba, uthi iNingizimu Afrika inekhono elingandile emazweni adlala ibhola – lapha bonke abadlali badlala sengathi bagijima esiswini (midfielders). Uma kungukuthi ubeshaya umhlahlo uGalu ngalo mbono, ngiyavuma.
UJomo Sono, inkosi yebhola kuleli, ithi abayekwe abadlali bajabulise abalandeli. Ngingabuye ngithini ngoba isiphingwe enkulu nxa sekukhulume inkosi!
Mhlawumbe sekuyisikhathi sokuthi siqale sakhe umfanekiso owodwa omele ibhola lakuleli. Simandla ngani? Ngomjiko namakhono azishaya samilingo ebholeni? Asiqinise kulokho-ke, siyeke ukuphendula izingane zethu amarobhothi enkundleni.