CELANI SIKHAKHANE
O WAYENGUMHOLI we-DA ephalamende, uNksz Lindiwe Mazibuko, usephonse inselelo ku-DA ngokuthi kumele indaba yokucwasa nobandlululo iqale ilungiswe ngaphakathi kuleli qembu ngaphambi kokuthi umholi wayo uMnuz Mmusi Maimane ayikhulume ngaphandle.
UNksz Mazibuko ukusho lokhu ngemuva kokuthi uMaimane eqale umkhankaso wokulwa nokucwasa nalapho exwayise khona ngokuthi labo abasagcwele ukucwasa kumele bangalokothi bazihlanganise ne-DA.
Nokho uNksz Mazibuko obebhale incwadi eshicilelwe kwelinye lamaphephandaba, i Business Day Live izolo, utshele uMaimane ukuthi ukushumayela leli vangeli lokulwa nokucwasa ngeke kusize uma kungaliwa nalesi sihlava ngaphakathi ku-DA kuqala.
“Iyancomeka imizamo kaMaimane yokusukuma alwe nendaba yokucwasana ngokobuhlanga kodwa kuyadingeka ukuthi le nto iqalwe ngaphakathi ku-DA kuliwe nokucwaswa kwamalungu nabaholi abamnyama. Kumele kuphele le nto yokuthi uma abaholi abamnyama bezihlanganele ngobungani noma kukhona abakwenzayo bese bebizwa ngokuthi yiBlack Caucus, echazwa njengabantu abangahlakaniphile. Lokhu kwenziwa ngenhloso yokuthi bazenyeze bakusabe ukuzihlanganela bebodwa,” kusho uNksz Mazibuko.
Uthe ngisho ukuziphatha kwalabo ababengamalungu eNational Party akekho oseke wakuphonsela inselelo njengoba kuhlale kwenziwa kwabamnyama kuleli qembu.
“I-DA ingene kuhulumeni wentando yabantu ngamavoti abalelwa ku-1.7% kodwa namhlanje inamaphesenti angu-23 amavoti ewatholile kuzwelonke ngenxa yokusebenza ngokuzikhandla kwabantu abamnyama. Laba bantu abagcina sebebizwa ngamagama angehli kahle. Ngakho ngithi akuphele manje sekwanele. Sekuyisikhathi lesi sokuthi kwi-DA iyekwe indaba yokubukela abaholi abamnyama phansi abahlale bebukwa njengabantu abenza umsebenzi oncomekayo ngenxa yokusizwa ozakwabo abamhlophe. Okunye kumele i-DA iyibhekisise indaba yokubekwa phezulu kwabesilisa abamhlophe ezikhundleni ezibalulekile ngoba lokhu kuyalilimaza iqembu kubantu abasuke bebukela kude,” kuqhuba uNksz Mazibuko.
UNksz Mzibuko ushiye le nhlangano ngo-2014 wayofunda eHarvard University, e-United States of America, ngemuva kokuxabana nobengumholi uNkk Helen Zille.
Ngaphandle kwalokho wathwala kanzima kuleli qembu ngemuva kokuphumela kwakhe obala ephalamende eseka umthetho owawugunyaza ukubhekelelwa kwabantu abamnyama ngokwamathuba.
Kumanje uzinze e-America lapho abuye afundise eHarvard kanti uyobuya kuleli ngo-2019.
Uthe kubalulekile ukuthi leli qembu lizinuke amakhwapha lizihlolisise ukuze kufezeke iphupho likaMaimane lokulwa nokucwasana.
Uveze nokuthi abantu abafana noNkk Penny Sparrow bekungafanele babe nendawo ku-Da ngemuva kwezinkulumo ezazenziwa wuNkk Zille zokulwa nokungalingani nokucwasana.